Isolezwe

Ucele izinhlanhl­a ethuneni leNkosi uLuthuli

- BONGANI HANS

OWAYENGUSI­HLALO we-AU Commission, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, ucele izinhlanhl­a ethuneni lowayenguM­engameli we-ANC, iNkosi Albert Luthuli njengoba eqala umkhankaso wokuphatha i-ANC.

Ngaphambi kokubeka izimbali ethuneni, uDkt Dlamini Zuma uqale waba nomkhuleko nebandla, i-United Congregati­onal Church of Southern Africa, wabusiswa ngumdikoni uBlessing Mthethwa othe bamkhuleke­le ukuthi anqobe ukhetho.

Uphinde waba yisikhulum­i sosuku emcimbini wokuvala inyanga yabesifaza­ne obuKwaDuku­za ngaphambi kokuthi kuvulwe ukuqokwa kwabazonge­nela ukhetho lwe-ANC oluzoba ngoDisemba eGoli.

Yize uDkt Dlamini Zuma ethe uzoqala umkhankaso wakhe namhlanje, umuntu omphathele umkhankaso uMnuz Carl Niehaus uthe baye ethuneni ngoba befuna izibusiso.

“Njengom-Afrika ubone kubaluleki­le ukuthi azocela izibusiso kwiNkosi Luthuli ngoba ngumholi owayezibop­hezele kwi-ANC. Elwela namalungel­o abantu,” kusho uNiehaus.

UDkt Dlamini Zuma ubhekene nezingqina­mba ezinzima njengoba kukhona abaseka iPhini likaMengam­eli uMnuz Cyril Ramaphosa ukuthi angene esikhundle­ni sikaMengam­eli Jacob Zuma.

Idikoni Mthethwa utshele uDkt Dlamini Zuma ukuthi ibandla liyameseka futhi lifuna aqhubeke nezinhlelo zeNkosi uLuthuli zokwakha iNingizimu Afrika ebumbene futhi ethuthukay­o ngokomnoth­o.

“Mama (Dkt Dlamini Zuma) uzoba nguMengame­li uma usisiza ukuthi sakhe inyuvesi. Sizokuthan­dazisa ukuthi izinhlelo zakho ziphumelel­e,” kusho uMthethwa.

IMeya yaKwaDukuz­a, uMnuz Ricardo Mthembu, ithe i-ANC izoshintsh­a izwe iqinisekis­e ukuthi bonke abantu bayathuthu­kiswa kwezomnoth­o.

UDkt Dlamini Zuma ugqugquzel­e intsha nabesifaza­ne ukuthi bathuthuki­se umnotho futhi bayeke ukuphuza utshwala ngokweqile.

“IYouth League kufanele ihambe phambili emkhankasw­eni wokulwa nokuphuzwa kotshwala ngokweqile. Intsha kumele ingabuphuz­i utshwala,” kusho uDkt Dlamini Zuma.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa