Yehlisiwe eyokuxhasa iTeam of Choice
UMASIPALA uMsunduzi uqinise imibandela ngokuthuthukiswa kwebhola kule ndawo uvuselela uxhaso lweMaritzburg United luka-R9 million iminyaka emithathu.
ITeam of Choice noMsunduzi bavuselele isivumelwano esiphele ekupheleni kwesizini edlule. Lokhu kwenzeke emuva kokuvela kwezindaba zokuthi uMsunduzi awusazimisele ngokuxhasa leli qembu nokuholele ekutheni usihlalo uFarook Kadodia aqale phansi afune uxhaso. Ngokwesivumelwano esidala iMaritzburg ibihlomula ngo-R12 million. Uxhaso lwehliswe ngenxa yesimo somnotho kumasipala.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe ngoLwesibili emahhovisi kaMasipala eMgungundlovu, imenenja yaseMsunduzi, uMnuz Sizwe Hadebe, ithe bajabule ngeqhaza leTeam of Choice lokumela le ndawo. Umasipala bewethula ngokusemthethweni ijezi elisha leMaritzburg ezodlala ngalo kule sizini.
“Asingabazanga ukuvuselela uxhaso lwethu ngoba basimele kahle siyiCity of Choice. Okwenze sehlise uxhaso yisimo somnotho kumasipala. Iqembu lizifeza kahle izinjongo zethu njengedolobha,” kusho uHadebe.
“Bayasisiza ngokucosha abadlali abathembisayo babafake eqenjini. Umbandela omusha esiwufakile ukuthi kufanele bathuthukise abaqeqeshi. Kuzothi ezindaweni abangakwazi ukufinyelela kuzona bathumele asebesezingeni balekelele. Okunye, sisebenza neMaritzburg ngokuthi kwakhiwe isikhungo sokuthuthukisa abadlali. Izinhlelo zalokho zisephansi kodwa sikholwa ukuthi ngokusebenza nabo kuzophumelela. Sisabheka izindawo esizozisebenzisa.”
IMaritzburg izibeke ethubeni lokudlala kowamanqamu weMTN 8 ngokubamba iSuperSport United ngo 1-1 emlenzeni wokuqala ngesonto eledlule ePitoli. Owomlenze wesibili uzoba seHarry Gwala Stadium ngoSepthemba 9.