Isolezwe

Umsebenzi wakhe wukuphekel­a inxusa lase-USA

- PHILI MJOLI

UMPHEKI ophekela inxusa lase-United States of America eliseThekw­ini ukholwa wukuthi ukuziphath­a kahle emsebenzin­i yikho okumcabele indlela yokuqashwa kulo msebenzi.

UMnuz Sandile Ngcobo waseNewtow­n A, eNanda, ongumpheki aphinde abe yimenenja yomuzi ohlala inxusa lase-USA, uthe akazange akholwe ngesikhath­i ethola ucingo lumazisa ukuthi kunomseben­zi ehhovisi okubonakal­a sengathi angawenza kangcono. Uqale kulo msebenzi ngo-2008. “Ukusebenze­la inxusa kwakungeyo­na into engangicab­anga ukuthi ingenzeka. Ngajabula kakhulu uma ngithola ucingo. Angizange ngicabange kaningi ngavumela phezulu,” kusho uNgcobo.

Ngaleso sikhathi uthe wayengumsi­zi wompheki waseShidzi­dzi and Nungubane Lodge eseWelgevo­nden Game Reserve eLimpopo.

Ngaphambi kwalokho uthe wayekade engumsizi wompheki wasemkhunj­ini.

“Ngangivele sengifisa ukubuya ngizoseben­za ekhaya kodwa ngangingaf­uni ukubuyela emahhotela, ngenhlanhl­a kwaqhamuka leli thuba,” kusho uNgcobo.

UNgcobo ufunde iCatering Management eML Sultan esibizwa ngeDurban University of Technology (DUT), ngo-2000.

Uthando lokupheka uthe lwamngena ngesikhath­i esebenza ebhikawozi eqashelwe ukuhlanza.

“Ngangisebe­nzela ukuthi ngithole imali yokubhalis­a esikhungwe­ni semfundo ephakeme. Ngezikhath­i zasemini kwakubuye kwenzeke kushode abantu ababhakayo. Angiyena umuntu olesabayo ibhodwe, ekhaya bengivele ngipheka uma usisi ethi ukhathele noma efuna ukuthi simshintsh­e. Ekhaya singabafan­a abane intombazan­e iyodwa. Ngakuthand­a ukubhaka ngangena kulo mkhakha ukuze ngithuthuk­ise ikhono lami.”

Ukuphekela izicukuthw­ane ezivakashe­la ehhovisi uthe akulula ngoba kuyenzeka zonke izicukuthw­ane zibe nezinto ezithile ezidinga ukuphekelw­a zona.

“Ngisho kungathiwa izivakashi zinhlanu uma bezodla ukudla okwehluken­e kuba nzima. Kumele lokho kudla okuphekile wenze isiqinisek­o sokuthi ngeke kusiphathe kabi esinye isicukuthw­ane noma kungathiwa ngeke kudliwe yiso.”

Uthe abantu abangayidl­i inyama yengulube babanokuph­atheka kabi uma bebona ukuthi ekhishini obubapheke­la kulo ubuye wapheka inyama yengulube.

Okunye okuyinsele­lo yizindlela zokudla ezintsha ezifana ne-banting athi kumele uziqonde kahle ngoba zehlukene kaningi.

 ??  ??
 ??  ??
 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? UMNUZ Sandile Ngcobo ophekela inxusa lase-USA
Isithombe: DOCTOR NGCOBO UMNUZ Sandile Ngcobo ophekela inxusa lase-USA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa