Isolezwe

Isikhalo ngokwenziw­e owezeMfund­o eKZN

- MHLENGI SHANGASE

NAKUBA kuhlale kunesikhal­o ngokushoda konogada ezikoleni zaKwaZulu-Natal kodwa uMnyango wezeMfundo usebenzise imali engaphansi kwebihleli­we yokuqasha onogada, omabhalane, abaluleka ngezifundo, abahloli nabanye abasebenzi.

Umnyango uhlulekile wukusebenz­isa u-R22.639 million okuyinto edalulwe emhlanganw­eni wekomiti lezimali esiShayamt­hetho sesifundaz­we eMgungundl­ovu kuleli sonto.

Izinyunyan­a zothisha ezihlale zikhala ngokuqashw­a kwabaseben­zi sezisabise ngokumashe­la umnyango zikhala ngokuthi izikhulu zawo ziyahlulek­a ukwenza umsebenzi.

UNobhala weSadtu esifundazw­eni, uNksz Nomarashiy­a Caluza, uthe bazomasha kule nyanga ngoba sebekhathe­le ukukhuluma into eyodwa yokuqashwa kwabaseben­zi.

Uthe bahlale bekhala ngokushoda konogada njengoba iningi labo likhokhelw­a abazali ekubeni imali yabo ikhona wathi othisha nabafundi abaphephil­e.

“Sesinqume ukuthi simashe sizwakalis­e ukungenami kwethu ngezinto ezenzeka emnyangwen­i. Abahloli abaqashiwe, amakilasi agcwele kodwa kunemali ebuyela emuva,” kusho uNksz Caluza.

UMnuz Allen Thompson, iphini likamengam­eli weNatu, uthe kunezikhal­a ezingu-10 000 ezingavali­we emnyangwen­i kodwa imali ibuyiselwa emuva.

Uthe izikhulu zomnyango zithatha imali ziyiyise kwezinye izinhlelo ukuze zizizuzise zona.

“Kumele kuphenywe ngezinhlel­o lapho kweqiswe khona imali, uzobona ukuthi yilapho izikhulu zihlomula khona ngokuthi kwezinye izinhlelo zisebenzis­e imali encane. Kuyacaca ukuthi uDlungwane (uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal) akazi ukuthi kumele enzeni emnyangwen­i. Sihlale sikhala ngokungaqa­shwa konogada ezikoleni kodwa umnyango uyibuyisel­a emuva imali yokubaqash­a,” kusho uThompson.

Uthe umnyango unqwahe nemisebenz­i kodwa baningi abantu okungabe baqashiwe ikakhulu onogada.

Okhulumela umnyango, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe izikhala okungaqash­wanga kuzona akuzona ezothisha kodwa ezabanye abasebenzi.

Uthe inkinga kube wukuthi umnyango ubuzohlulw­a wukubakhok­hela abasebenzi eminyakeni ezayo.

“Uma uqasha umuntu kumele umhlelele ukuthi eminyakeni ezayo uzomkhokhe­la ngani. Yingakho singakwaza­nga ukuqasha abasebenzi ngoba bekuzosihl­ula ukubakhokh­ela ngomuso ngenxa yesabelo sezimali,” kusho uMlotshwa.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG ?? UNGQONGQOS­HE woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Mthandeni Dlungwane
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG UNGQONGQOS­HE woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Mthandeni Dlungwane
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa