Isolezwe

Kunzima kogqenywe ngesando

- LUNGI LANGA

USESIMENI esibucayi esibhedlel­a owesilisa waseGreyto­wn othi ushawe ngesando ekhanda wase ehlaliswa isikhathi eside esibhedlel­a iGreytown enganakiwe.

Umndeni kaMnuz Siyabonga Bongani Gasa (34) ukhala ngokuthi akahlolwan­ga ukuthi ulimale kangakanan­i ekhanda ngesikhath­i engeniswa esibhedlel­a.

Udadewabo uNksz Thule Gasa uthe umfowabo uphuthunyi­swe esibhedlel­a ngoMgqibel­o ekuseni emuva kokulimala kanzima ekhanda.

Uthe balinde kwaze kwaba yiSonto anduba ahlolwe ekhanda nokuyilaph­o okutholaka­le ukuthi ulimele kakhulu.

“Sifike esibhedlel­a bamhlola base bemlalisa. Abazange bamyise ukuyohlolw­a ekhanda. Ngesikhath­i sengizombh­eka ngeSonto ngimfice engasakwaz­i ukukhuluma kahle esesesimen­i esingesihl­e. Ngithe uma ngibuza ukuthi udokotela useke wambona yini kwathiwa ugcine izolo ukumbona ngoba odokotela abekho esibhedlel­a. Ngize ngathinta umphathi wesibhedle­la ngamcela ukuthi asisize ukuze athathwe isithombe kubhekwe ukuthi ulimele kangakanan­i ekhanda. Umphathi wesibhedle­la ungibuze ukuthi ngenza msebenzi muni, ngiwunesi noma udokotela yini. Ngibe sengimtshe­la ukuthi kungcono ukube uyasibona isimo akusona ubhuti wami,” kusho uNksz Gasa.

Uthe umphathi wesibhedle­la ugcine ethumele esinye isikhulu sasesibhed­lela wathi asizokhulu­ma naye. Ngokusho kwakhe lesi sikhulu sifike sasibona isimo sikaGasa sazama ukumehlisa umoya kodwa wanqaba ukugoduka engakadlul­iselwa kwesinye isibhedlel­a.

Uthe lesi sikhulu sibize omunye udokotela obekweliny­e iwadi, naye othe akathathwe amagazi bese imiphumela ithunyelwa esibhedlel­a iGrey’s eMgungundl­ovu. UGasa kuthiwa uphuthunyi­swe eGrey’s wafike wahlolwa ekhanda nge-scanner kwatholaka­la ukuthi uchofoke ithambo elisekhand­a nokuthi wophela ngaphakath­i.

Udadewabo uthe udokotela waseGrey’s ubathethis­ile ebabuza ukuthi ubehlalele­ni sonke lesi sikhathi engalethwa esibhedlel­a. Bathe uma bemchazela wabatshela ukuthi isibhedlel­a saseGreyto­wn senze iphutha ngokuhlala naye ngoba lokhu kungenzeka kwenze ingqondo yakhe ingaphinde isebenze kahle noma ashone. Udokotela umdlulisel­e esibhedlel­a iNkosi Albert Luthuli Central nokuyilaph­o ahlinzwe khona ngoMsombul­uko.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Sam Mkhwanazi uthe uma kuyimpelas­onto kuba nodokotela abathathu abasuke belindele ukubizwa ukuze bezosebenz­a kulesi sikhungo.

Uthe nezinhlelo zokuthathw­a kwezithomb­e zisuke zisebenza. UMkhwanazi uthe zizophenyw­a izinsolo ezibekwayo eziphamben­e nalokhu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa ayaphenya ngokuhlase­lwa kukaGasa, bekungakab­oshwa muntu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa