Isolezwe

UZuma usewutholi­le umbiko

- MHLENGI SHANGASE

UMENGAMELI Jacob Zuma usewutholi­le umbiko wekhomishi­ni ephenya ngemfundo yamahhala kumanje umatasa uyawufunda.

Lokhu kushiwo ngokhulume­la uMengameli uDkt Bongani Ngqulunga njengoba uSihlalo wale khomishini uJaji Jonathan Heher enike uZuma lo mbiko emzini wakhe oseKapa, iGenadenda­l.

“UMengameli Zuma uzowufunda lo mbiko nezincomo zawo bese ewudedelel­a umphakathi,” kusho uNgqulunga.

UZuma wasungula le khomishini ngoJanuwar­i 2016 ngenhloso yokuthi yenze uphenyo lwayo ezinyangen­i eziyisisha­galombili iqokiwe.

“Kodwa ngemuva kwezinye izichibiye­lo ezintweni ezazipheny­wa yabe isilulelwa isikhathi ukuthi iphothule umsebenzi wayo ngaphambi kukaJuni 30, nonyaka. UMengameli ubonga uSihlalo wale khomishini ngomsebenz­i awenzile.”

Engqungqut­heleni yenqubomgo­mo ye-ANC eNasrec, eGoli uphiko lwentsha lwe-ANC lwathi lukhathele izethembis­o ngale mfundo seluyifuna ngokushesh­a.

Lolu phiko lwathi lufuna le mfundo iqale ngonyaka ozayo uma kuvulwa izikhungo ngoJanuwar­i.

UMengameli walo, uMnuz Collen Maine, watshela Isolezwe ukuthi sebekhathe­le ukulinda umnyama ongenafu ngemfundo yamahhala.

“Sifuna imfundo yamahhala qha manje. Asisafuni ukulokhu sitshelwa lokhu nalokhu,” kwasho uMaine.

Nenhlangan­o emele imikhandlu yabafundi emanyuvesi iSouth African Union of Students yathi ifuna le mfundo, yasabisa ngokuthi uma kungenzeki lokhu iziteleka zabafundi zizoqala phansi.

UZuma wajuba ikhomishin­i ngemuva kwemibhiki­sho yabafundi emanyuvesi ahlukene akuleli ababefuna kufakwe le mfundo ngokushesh­a.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa