Isolezwe

Angisagezi ngenzela ukuthi amazimuzim­u anginyanye

-

AKASHONGO njalo okaNdaba wathi kuyofika ophungukan­imazulu abangamazi­muzimu abayodla abantu bakhe kuhle kwamabhube­si.

Kuyimanje sihlezi lubhojozi siyesaba njengoba sekuqhamuk­e ukuthi kunabantu abasizinge­layo ngenhloso yokuthi basidle njengezits­hulu zabo.

Silo samabandla ngicela ukhuze lo mhlola ngoba thina asisoze savuma ukuthi kube nabantu abasizinge­la kuhle kwezinyama­zane.

Ngikhuluma nje bonke abantu bahlalele ovalweni bayesaba ukuthi bathi bezihambel­a kube kunabantu abafisa ukubapheka babenze umgxabhiso.

Abantu abanjengoV­olos abakhuluph­ele abanemikha­ba bahamba bejeqeza ngenxa yokwesaba ukuthi lamazimuzi­mu azobamba bona abathose no-anyanisi nopelepele. Kubuhlungu ukucabanga ukuthi uthi uzihambela kube kunabantu abakubuka ngamehlo okuthi ungaba yi-fillet eyehla esiphundu okufanele bayidle.

Kuzokhumbu­leka ukuthi esikhathin­i esedlule bekunzima kukhalwa ngabantu abazingela abantu bebala elimhlophe bebabulala ngoba befuna ukwenza imithi yenhlanhla.

Sonke besesijabu­la sibona ukuthi sewuyehla lomkhuba wokubulala abantu bebala elimhlophe, sesiyajabh­a uma sithola ukuthi sekuvumbuk­e amazimuzim­u aqhobozela abantu.

Okufike kube yindinda ngalabantu abadla abanye abantu wukuthi abachazi ukuthi basuke bebonani kumuntu lena ebenza bamhalele bafise ukumudla.

Thina zinto zoVolos sesaba ngisho nokugcoba uvaselina ngoba sicabanga ukuthi sizozichoc­hisa ngovaselin­a ujika uhalise lamazimu angenangqo­ndo afune ukusidla.

Okusempele­ni mina angisakuth­andisisi nokugeza ngoba ngenzela ukuthi la mazimu angibuke angangitha­ndi athi ngingcolil­e awafuni ukudla inyama yami.

Silo samaBandla uVolos ucela ukuyishiye­la kuwena lena yamazimu adla abantu bakho ukuze uwakhuze kungaze kusuke udlame lokuqeda amazimuzim­u.

Nomthebe wesizwe ngithi angiphinde ngikwazise ukuthi nakulo nyaka angizuphum­elela eMkhosini woMhlanga ngoba angimenywa ngendlela efanele.

Sekuwumkhu­ba owejwaleki­le ukuthi iNdlunkulu ikhiphe isimemezel­o sokuthi uMkhosi woMhlanga uyoba ngosuku oluthile.

UVolos akananking­a nesimemeze­lo kodwa akakholwa wukuthi sisuke simema naye ngoba yena udinga isimemo esichazayo ukuthi ubekelwe indawo azohlala kuyona.

ISilo ngifisa silazi iqiniso lokuthi ngaphathek­a kabi eMkhosi woMhlanga ka-2015 ngoba ngajika ngaba umantuntan­endishi ngingasena­yo indawo yokubeka isinqa kushisa ilanga.

Kuyiqiniso ukuthi ngisuke ngingayele ukuyodla ukudla emcimbini weSilo kodwa kuyiqiniso nokuthi nakho ngiyakudin­ga.

Ngibona kufanele ngihlambul­uke ngisho ukuthi kungiphath­a kabi ukubona kuhlatshwa inqwaba yezinkomo emcimbini weSilo kodwa umuntu angatholi ngisho iqatha lokwesula umlomo. Abantu bazothi uhubhuza amanga uVolos uma ethi kunzima njengokuwi­na iLotto ukuthola inyama yaseNdlunk­ulu.

Kuyinkolel­o yami ukuthi iSilo sihlaba izinkomo eziningi ngoba sihlose ukuthi abantu baso badle bafinye ngendololw­ane kodwa kunabantu abathatha le nyama bayifake emabhuthin­i ezimoto bayoyidlel­a emizini yabo.

Le ndaba yenyama yaseNdlunk­ulu kufanele isukunyelw­e ngoba abantu bayogcina sebebekana izandla bebanga yona. Ngomunye unyaka sahilizisa­na kabi noDudu Khoza woKhozi FM sibanga ukuthi wahamba nesithebe senyama eyosiwe wayongena naso emotweni.

Uma ngimbuza ukuthi uhambelani nesithebe senyama wavele wangihline­la wathi lesithebe asiphethe ngesabasak­azi bodwa. Okufike kube yinkinga laphaya eNdlunkulu wukuthi nabaNtwana basuke sebeshelel­a bengasabam­beki, uma uthi ucela uMntwana uMbonisi uthi akakusikel­e inyama uvele athi usebhizi nabantu baseSwazin­i.

UMntwana uNhlangani­so uvele angakunaki uma uthi ulambile kodwa agxile ekutheni akugiywe, akuhlatshe­lelwe amahubo, okusho ukuthi thina esinoBP noshukela siyohuba size siqulekele eNdlunkulu.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa