Siyethemba ukuthi ikomiti lizokhetha ngobuchule
INHLANGANO yokusakaza yomphakathi eNingizimu Afrika, i-SABC isethubeni elihle lokubuyisa isithunzi sayo futhi yenze izakhamuzi zakuleli ziyethembe futhi njengoba ingasalawulwa ‘yilamawele’ abehlulwa wumsebenzi, uNksz Faith Muthambi noMnuz Hlaudi Motsoeneng.
Sithemba ukuthi uma ikomiti lezokuxhumana ePhalamende selikhetha amalungu angu-12 azokwakha ibhodi elisha elizolawula i-SABC ngesonto elizayo azokhetha ngobuhlakani. Iyabonakala imizamo yezinhlangano ezahlukene yokuzama ukugwema ukuphinda amaphutha asewenziwa phambilini uma kuqokwa amalungu ebhodi lale nhlangano.
Okuthokozisayo wukuthi kulokhu i-ANC ayiyenzi le nto ebivame ukuyenza ukusebenzisa amandla nobuningi bevoti layo ukuphoqa ukuthi kukhethwe abantu abasuke bephakanyiswe yibona. Kunabantu abanamava kula magama abangu-36 okuzokhethwa kubona futhi kuyajabulisa ukuzwa ukuthi iPhalamende lizowavezela umphakathi ama-CV abantu abaphakanyisiwe njengoba ezoshicilelwa kwi-website yasePhalamende. Lokhu kuzonika umphakathi izinsuku ezinhlanu ukucubungula la ma-CV bese bekwazi ukufaka eyabo imibono ngabantu abaphakanyisiwe.
Siyawucela umphakathi ulisebenzise leli thuba ukuze bezofaka isandla nabo ekwakheni izwe lethu kunokuhlale begxeka. Siyavumelana nemibono kaMnuz Moses Tseli we-ANC noNksz Phumzile van Damme weDA ukuthi kumele umphakathi ube yingxenye yalo msebenzi. UNksz Van Damme uthe ukuvezwa kwama-CV ekhonjiswa umphakathi kuzonikeza izinhlangano ezizimele ithuba lokuwacubungula la ma-CV nabanikazi bawo. Kulokhu, ayikho into okufanele ingabhekwa noma ingenzisiswa.
Abaphakanyisiwe kuzofanele basayine ukuthi bayavuma ukuthi kuqinisekiswe iziqu zabo futhi kubhekwe ukuthi abayona yini ingozi ngandlela thize. Siyathemba ikomiti lizokhetha ngobuchule nanobuhlakani nanokuthi abantu abazoqokwa bazowenza ngempumelelo lo msebenzi ozoba nzima wokuvuselela isithunzi se-SABC.
Siyethemba ukuthi imigilingwane yase-SABC sesizogcina ngokuyibona emidlalweni le nhlangano eyisakazayo kuthelevishini nasemisakazweni yayo hhayi emahhovisi ayo.