Isolezwe

Siyethemba ukuthi ikomiti lizokhetha ngobuchule

-

INHLANGANO yokusakaza yomphakath­i eNingizimu Afrika, i-SABC isethubeni elihle lokubuyisa isithunzi sayo futhi yenze izakhamuzi zakuleli ziyethembe futhi njengoba ingasalawu­lwa ‘yilamawele’ abehlulwa wumsebenzi, uNksz Faith Muthambi noMnuz Hlaudi Motsoeneng.

Sithemba ukuthi uma ikomiti lezokuxhum­ana ePhalamend­e selikhetha amalungu angu-12 azokwakha ibhodi elisha elizolawul­a i-SABC ngesonto elizayo azokhetha ngobuhlaka­ni. Iyabonakal­a imizamo yezinhlang­ano ezahlukene yokuzama ukugwema ukuphinda amaphutha asewenziwa phambilini uma kuqokwa amalungu ebhodi lale nhlangano.

Okuthokozi­sayo wukuthi kulokhu i-ANC ayiyenzi le nto ebivame ukuyenza ukusebenzi­sa amandla nobuningi bevoti layo ukuphoqa ukuthi kukhethwe abantu abasuke bephakanyi­swe yibona. Kunabantu abanamava kula magama abangu-36 okuzokheth­wa kubona futhi kuyajabuli­sa ukuzwa ukuthi iPhalamend­e lizowaveze­la umphakathi ama-CV abantu abaphakany­isiwe njengoba ezoshicile­lwa kwi-website yasePhalam­ende. Lokhu kuzonika umphakathi izinsuku ezinhlanu ukucubungu­la la ma-CV bese bekwazi ukufaka eyabo imibono ngabantu abaphakany­isiwe.

Siyawucela umphakathi ulisebenzi­se leli thuba ukuze bezofaka isandla nabo ekwakheni izwe lethu kunokuhlal­e begxeka. Siyavumela­na nemibono kaMnuz Moses Tseli we-ANC noNksz Phumzile van Damme weDA ukuthi kumele umphakathi ube yingxenye yalo msebenzi. UNksz Van Damme uthe ukuvezwa kwama-CV ekhonjiswa umphakathi kuzonikeza izinhlanga­no ezizimele ithuba lokuwacubu­ngula la ma-CV nabanikazi bawo. Kulokhu, ayikho into okufanele ingabhekwa noma ingenzisis­wa.

Abaphakany­isiwe kuzofanele basayine ukuthi bayavuma ukuthi kuqiniseki­swe iziqu zabo futhi kubhekwe ukuthi abayona yini ingozi ngandlela thize. Siyathemba ikomiti lizokhetha ngobuchule nanobuhlak­ani nanokuthi abantu abazoqokwa bazowenza ngempumele­lo lo msebenzi ozoba nzima wokuvusele­la isithunzi se-SABC.

Siyethemba ukuthi imigilingw­ane yase-SABC sesizogcin­a ngokuyibon­a emidlalwen­i le nhlangano eyisakazay­o kuthelevis­hini nasemisaka­zweni yayo hhayi emahhovisi ayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa