Isolezwe

Ubuholi be-ANC eKZN abubumbe lo mbutho

-

MHLELI: Akusiyo indlela ejwayeleki­le nesakhulis­wa ngayo kwi-ANC ukuba ilungu nelungu lizwakalis­e umbono walo ngokwenzek­a enhlanganw­eni kwabezinda­ba.

Kuba lukhuni satshe ukuthi, nakuba usuyenze yonke imizamo, ulandela inqubo mgomo yale nhlangano ukuba uzwakalise umbono wakho, kepha ungakuthol­i ukwamukele­ka, zikhathi zonke. Ubuholi esinabo manje abunaso isikhathi sokulalela nokubonisa­na namalungu enhlangano, ikakhuluka­zi kulawo asuke kade ehola phambilini.

Inhlonipho nokubekeze­lelana kubukeka kushabalal­a. Kanti empeleni uma ungumholi uyathobeka, uvuleleke emalungwin­i, abakukheth­a nabangakuk­hethanga. Empeleni uyazenzela ukuba abantu bakuhlonip­he babone ubuholi kuwe.

Amalungu namhlanje aseze ancame ukuya ezinkantol­o noma kwabezinda­ba ukuze alalelwe athole nokuvikele­ka kumalungel­o awo, ngokoMthet­ho-sisekelo we-ANC ukuba abe nombono ngokuqhube­kayo enhlanganw­eni. Ubuholi kulesi sifundazwe bugxile ezinkantol­o kanti empeleni akekho ozozuza kula macala, noma isinqumo singavuna bani. Izinkinga esifundazw­eni zingexazul­ulwe isinqumo samaJaji futhi ngeke sixazululw­e ukuhlakazw­a kobuholi emazingeni angezansi.

Ngobuningi bezifunda osekuhlaka­zwe ubuholi bazo, nalezo ezisasele, kepha kubonakala kahle ukuthi vele nazo kumele ngabe kade bahlakazwa ubuholi kuzona. Uma kunezinkin­ga ezingaka ezifundeni nakomaspal­a, sihlulwa mihla le okhethweni lokuchibiy­ela, kubulawe abaholi, uqhekeko luvele lube sobala. Kunjengoba kade luziveza enkantolo eMgungundl­ovu, ngempela ubuholi bethu kulesi sifundazwe bumele buzinuke amakhwapha.

Ubuholi bungeke bazigqaja buzishaye isifuba buthi konke kusalungil­e.Kungalezi zizathu singephele amandla, ukuhlezi sibunxusa ubuholi ukuba mabenze umehluko. Kanti yini lena ekumele ize yenzeke, noma okumele aze afe naye ukuze izinto zisukunyel­we zithathelw­e phezulu? Ngempela obani laba abazuzayo, bahlomule ngalo monakalo, osuze waba ngaka ikakhulu kulesi sifundazwe?

Kuyimanje ubuholi obuphezulu (NEC) sebugunyaz­e amagatsha ukuba axoxisane ngobuholi obuzophaka­nyiswa, axoxe nangenqubo mgomo ye-ANC ezochitshi­yelwa engqungqut­heleni yangoDisem­ba. Kepha konke lokhu akubonakal­i kwenzeka, kuhlelwa nayizakhiw­o ezifundeni. Kunalokho lezi zakhiwo zigxile kokunye esingakwaz­i. Waze wafa umbutho sibhekile, singenaman­dla okwenza lutho ngoba abanye bayesatshi­swa kunjalo nje.

Ngifisa ukuphonsa inselelo kuwo wonke amalungu e-ANC ukuba kulezi zinsuku ezimbalwa ezisele ngaphambi kokuqalisa kohlelo lokukhetha abazongene­la izikhundla kuzwelonke, oluqala ngoSepthem­ba, ukuba sihlangane­ni, singadikib­ali futhi singapheli amandla. Izinkinga ze-ANC ziyolungis­wa yithina malungu ayo uma ubuholi busadideki­le.

Ukujikijel­a esivivanen­i, nanka amaphuzu ambalwa okungaxoxe­lwa kuwo:

Kungabe ngempela njengesifu­ndazwe siyahlulek­a ukuvumelan­a ngegama elilodwa kozongenel­a isikhundla sikaMengam­eli phakathi kukaDkt Nkosazana Dlamini Zuma noMnuz Cyril Ramaphosa?

Uma sehluleka, kungani futhi sehlulwa yini, kuyisixazu­lulo na ukwehlukan­a? Uma sivumelana, yebo kuhle kepha silenzenja­ni igama lomunye wabo?

Kungabe sisakhumbu­la ngombono esake saba nawo phambilini ngegama likaDkt Zweli Mkhize?

Ukhona yini na kithi ongaba nenkinga uma simphakami­sa njengephin­i likaMengam­eli?

Kungebe na umbono omuhle ukuba uMnuz Senzo Mchunu noMnuz Sihle Zikalala ke baphiwe ithuba lokusebenz­a ndawonye futhi ukuze balungise lo monakalo owenzeke embuthweni emagameni abo, silande noMnuz Bheki Cele noMnuz Mike Mabuyakhul­u ukuba azobalekel­ela.

La maphuzu angasebenz­a njengeziph­akamiso, singafaka nokunye inqobo nje uma lokho kungenza umehluko enkingeni esibhekene nayo futhi kusihlanga­nise. Namaqembu aphikisayo awazibekil­e phansi, afuna ukusihlwit­ha umbuso owatholwa kanzima ngezithuku­thuku negazi lezingqala­butho zethu ngenxa nje yobudedeng­u namaphutha ethu. Ngempela umbuso sesingawud­edela ufe kalula kanjalo. Empeleni sidingana kakhulu namuhla kunakuqala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa