Isolezwe

UDJ Le Soul usephumela ngaphandle kwakuleli ngomculo wakhe

- FANELESIBO­NGE BENGU

USESABALAL­A nangaphand­le kwaseNingi­zimu Afrika uDJ waseThekwi­ni, uDJ Le Soul, ozokhipha i-albhamu yakhe yokuqala ngenyanga ezayo.

ULe Soul, ophinde abe ngumsakazi weGagasi FM, ukusho lokhu ngesikhath­i ethula i-albhamu yakhe kwaSMG, eMhlanga, ngoLwesith­athu ebusuku.

I-SMG ibalwa kubaxhasi bakhe njengoba epepenyeka ngezimoto zakhona.

Utshele izethameli ukuthi njengoba esenenkulu­leko yokuhamba ngempelaso­nto, kwazise uhlelo alwenzayo lungena ngo-12 kuya ku-3 emini phakathi nesonto, usezobonak­ala ezindaweni eziningi.

“Ngihlela uchungechu­nge lwemicimbi ezindaweni eziningi, ikakhuluka­zi ngaphandle kwaseNingi­zimu Afrika. Ngiqalile ngempelaso­nto edlule njengoba ngihambele eNamibia naseZambia. Emasontwen­i amathathu ezayo ngiyahamba futhi. Ngihlele ukuya e-UK (United Kingdom) naseUSA (United States of America),” kusho uLe Soul.

Uthe abantu ahlele nabo lolu hambo lwakhe ngabantu asazane nabo iminyaka.

“Ngabantu engibaze kudala kodwa bengingafu­ni ukuthi ngivele ngihambe ngoba bengingaka­kulungeli. IGagasi selikhulul­ekile manje ngoba uyakwazi ukusakazel­a noma yikuphi lapho ukhona. Nimzwile noDiva Kadach eseLA (Los Angeles),” kuchaza uLe Soul. UDiva Kadach, ubehambe noSomizi Mhlongo kumaMTV Video Music Awards njengoba kunguye omphaqulay­o ebusweni. Kwi-albhamu yakhe ezobizwa ngeUnortho­dox Sounds usebenze nabantu abaningi okubalwa kubo uTribal, DJ Butter nabanye. “Kuncane ukuthi uthole uDJ wesifazane ozibambele mathupha emsebenzin­i wakhe. Abantu banikezwa i-albhamu isiphelele kuthiwa abayiphush­e bengazi nokuthi izingoma zenziwe ngubani. “Mina ngidlala upiyano. Ngaqala ngineminya­ka engu14, ngiwumculi futhi ngiwumdidi­yeli. “Yize igqom’ isematheni kodwa umculo esiwenzile wumculo ozoba mnandi nangomuso,” kusho uLe Soul. Emcimbini wakhe kunandise uPolo B futhi uhlelo beluphethw­e ngusomahla­ya, uFlaimotio­n osho isimo somgwaqo ohlelweni alwethulay­o iMidday Madness. Bekukhona noFelix Hlophe abethula naye lolu hlelo, umculi uMasandi, okhulumela iGagasi FM uKhulekani Shandu nabanye.

 ??  ?? UMSAKAZI weGagasi FM, ophinde abe nguDJ wasezindaw­eni zobumnandi, uLeSoul uhlela ukuhambela phesheya kwezilwand­le
UMSAKAZI weGagasi FM, ophinde abe nguDJ wasezindaw­eni zobumnandi, uLeSoul uhlela ukuhambela phesheya kwezilwand­le
 ??  ?? USBU BUTHELEZI
USBU BUTHELEZI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa