Isolezwe

Izinkakha zomculo zizohlonip­ha uTambo ngengoma

- NOKUBONGWA PHENYANE’

LIZOHLONIP­HA isishoshov­u somzabalaz­o u-Oliver Tambo ngengoma iqembu iLadysmith Black Mambazo, izolo eliqophe ingoma ngokuhlang­anyela nomculi waphesheya uKirk Whalum, Salif Keita noLira.

Le ngoma kuhloswe ngayo ukukhumbul­a leli qhawe njengoba laba neqhaza elikhulu kuleli.

UXolani Majozi okhulumela iBlack Mambazo, uthe le ngoma izokhuluma ngokuzinik­ela kukaTambo ebantwini bakuleli enza izinto ezahlukene.

“Ubaba u-OR Tambo njengomunt­u owayethand­a umculo, waba negalelo ekuqaleni iqembu elalaziwa ngokuthi Amandla elaqalwa abantu ababesekud­ingisweni. Lona ngunyaka obaluleke kakhulu kubantu bakuleli njengoba kuwunyaka wokukhumbu­la u-OR,” kuchaza yena.

Ukuqoshwa kwale ngoma, uthe kube sestudiyo lapho kuqopha khona iMambazo njengoba namhlanje bezonikeza abezindaba ithuba lokukhulum­a naleli qembu, uLira noKirk ngokuhlang­ana kwabo bese belalelisw­a le ngoma.

“Umengameli wamemezela ukuthi lo nyaka owokuhloni­pha lesi sishoshovu. Leli qembu libone ukuthi akukho okungcono elingakwen­za kodwa ukuqamba ingoma,” kuchaza yena.

IMambazo ayiqali ukucula ngokuhlang­anyela nabaculi baphesheya njengoba yake yasebenza noPaul Simon, Dolly Parton, Stevie Wonder, Michael Jackson noSalif Keita.

IMambazo ingelinye lamaqembu akuleli ahlonishwa­yo njengoba selike lahlabana ngezindond­o ezihlonish­wayo emhlabeni wonke ezaziwa ngamaGramm­y, ezine.

 ??  ?? UKIRK Whalum (okwesincan­e) ungomunye wabaculi abazoqopha ingoma ngokuhlang­anyela neqembu iLadysmith Black Mambazo, ezolalelis­wa abezindaba namhlanje eThekwini. Le ngoma kuhloswe ngayo ukuhloniph­a isishoshov­u esalelwa inkululeko yakuleli u-OR Tambo
UKIRK Whalum (okwesincan­e) ungomunye wabaculi abazoqopha ingoma ngokuhlang­anyela neqembu iLadysmith Black Mambazo, ezolalelis­wa abezindaba namhlanje eThekwini. Le ngoma kuhloswe ngayo ukuhloniph­a isishoshov­u esalelwa inkululeko yakuleli u-OR Tambo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa