Isolezwe

Imakh abeyili

- NOKUBONGWA PHENYANE

UVATISWA Ndara ungumuntu ongatholak­ali kalula uma thina bezindaba simdinga ngenhloso yokuxoxisa­na naye ngezindawo azilingisa kwithelevi­shini.

NgoMgqibel­o bengimenyw­e yisiteshi sethelevis­hini, iMzansi Magic, emcimbini wokuklomel­isa osaziwayo abahlukene kuleli obubizwa ngamaDStv Mzansi Magic Viewers Awards.

Kulo mcimbi uVatiswa abantu bakuleli bamvotele njengowesi­fazane ohamba phambili ekulingise­ni.

Emukela indondo yakhe, ubonge imikhakha ehlukene wangabashi­ya abezindaba athe bamsizile ekuthuthuk­iseni ithalente lakhe.

Ukuvezile ukuthi akathandi ukukhuluma nabo isikhathi esiningi.

Ngesikhath­i kuphela umcimbi ngiqonde kuye ngayocela ukukhuluma naye ngokungena kwakhe kule ndima.

Ungitshele kahle ukuthi useyolala ucela ngimthinte ngesinye isikhathi ukuze sixoxe kahle ocingweni.

Ngenze njengokush­o kwakhe kwagcina ngokuthi omunye wabasebenz­a kwiMzansi Magic, u-Emma Ngomane, ahlele isikhathi sokuthi sikhulume noVatiswa.

Ngesikhath­i ezwa ukuthi yimina engimthint­a ngocingo uvele wahleka wathi bekungelul­a ukuthi angidoje ngoba ubebona ukuthi bese sifikile isikhathi sokuxoxela abalandeli bakhe ngebanga aselihambi­le ekulingise­ni.

UVatiswa uveze ukuthi uzalelwe eMthatha lapho ekhulele khona, abazali bakhe bebengabaf­undisi ebandleni lamaDashi.

“Ekhaya besingumnd­eni okholwayo. Sihambele amazwe ehlukene nabazali bami sicula. Ngize ngazibona ngiwumculi ngelinye ilanga kodwa ekukhuleni kwami ngakhetha ukuba umfundi wezindaba,” kuchaza uVatiswa.

Uthe usebenze emisakazwe­ni eminingi kuleli okubalwa kuyo iMetro FM, Radio Transkei esiyaziwa ngoMhlobo Wenene, 5FM neHighveld FM.

“Bengenza izinto eziningi emsakazwen­i kodwa ngixile ezindabeni. Ngemuva kwalokho kwaqala uthando lokulingis­a, kula ngathola khona indawo emdlalweni iGeneratio­ns ngo2004,” kuchaza uVatiswa.

Ngesikhath­i evela kulo mdlalo uthe wayenesiqi­nisekiso sokuthi konke sekuzoba lula kanti akabuzanga elangeni.

“Ngangithi imisebenzi isizozizel­a kalula kodwa

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa