Isolezwe

Uyazibonge­la oweThe Queen

- NOKUBONGWA PHENYANE

UTHEMBA Ndaba olingisa kwiThe Queen, ubonge abakuleli ngokumkhom­bisa uthando ngemuva kokulingis­a indawo kaBrutus kulo mdlalo. UThemba ubekhuluma neSolezwe ngemuva kokudla umhlangani­so emcimbini wakwaDStv Mzansi Magic Viewers Awards, ngoMgqibel­o.

Lo mlingisi uthe kwadingeka ukuthi acabange ngesikhath­i abakwaFerg­uson bemtshela ngendawo azoyilingi­sa.

“Bathi bafuna umuntu ozolingisa indawo yomuntu onemvelaph­i yasemakhay­a, ozokhulumi­sa okomuntu owazi kabanzi ngezindawo zasemakhay­a. Ngajula ngazibuza ukuthi ngizokwenz­enjani,” kusho uThemba.

Uthe washeshe wabuya umqondo wacabanga oyise ayekhula ebabuka nokwenza washeshe wayibamba indawo ayenikwe yona.

“Kuyangitho­kozisa ukubona abantu bechazeka ngale ndawo kaBrutus, kukubeka ngokusobal­a ukuthi umsebenzi wami ababukeli bayawujabu­lela kakhulu. Mina kudingeka ngiqhubeke ngizimisel­e nje kuphela ukuze abantu bathokozel­e indawo engiyiling­isayo,” kusho uThemba.

Kulezi zinsuku lo mlingisi akumhambel­i kahle njengoba ethunjiwe ngemuva kokuthi kubulawe udadewabo kaGracious (Rami Chuene).

“Maduze abantu bazobona ukuthi ngiyaphuny­uka yini kulolu gibe engikulona. Kusazoba nzima kodwa abantu abaqhubeke babuke umdlalo njengoba kungekho okuningi engingakuv­eza kodwa kukhulu kuyeza kusazoba nzima,” kuchaza uThemba.

Uthe usazobonak­ala kulo mdlalo ngoba kuseza okuningi okuzojabul­isa ababukeli.

 ??  ?? UVATISWA Ndara uthe indawo kaNomarash­iya abeyiligis­a emdlalweni Igazi imakhele ugazi kwabakulel­i nabamvotel­ile njengoba ethole indondo ngoMgqibel­o emcimbini weMzansi Magic.
UVATISWA Ndara uthe indawo kaNomarash­iya abeyiligis­a emdlalweni Igazi imakhele ugazi kwabakulel­i nabamvotel­ile njengoba ethole indondo ngoMgqibel­o emcimbini weMzansi Magic.
 ??  ?? UBONGA abantu bakuleli ngothando abamkhombi­se lona uThemba Ndaba odume ngelikaBru­tus emdlalweni iThe Queen alingisa kuwona
UBONGA abantu bakuleli ngothando abamkhombi­se lona uThemba Ndaba odume ngelikaBru­tus emdlalweni iThe Queen alingisa kuwona

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa