Isolezwe

Iyashaqisa eyokwanda kwezinyang­a mbumbulu

- NONTUTHUKO NGUBANE noKHULEKAN­I MASEKO

SEKUYINSAK­AVUKELA umchilo wesidwaba ukuthi kuboshwe abantu abazibiza ngezinyang­a ngoba besolwa ngezehlaka­lo zobugebeng­u okubalwa kuzo ezokuthola­kala nezicubu zabantu, ukudlwengu­la nokuqola abantu imali.

Isehlakalo sakamuva sendoda yaseMtshez­i, okuthiwa iyinyanga eyazinikel­a emaphoyise­ni iphethe izicubu zomuntu, sithuse izwe lonke.

Amaphoyisa asebophe abasolwa abayisithu­pha, okubalwa kubona nababili abazibiza ngezinyang­a, ngaleli cala elisaqhube­ka enkantolo.

UMnuz Sazi Mhlongo, oyiphini likaSihlal­o wenhlangan­o yabelaphi bendabuko kuleli, uthe kumele abantu abasuke beyofuna usizo lwezinyang­a baqikelele ukuze bangadlali izigebengu.

“Uma uya endaweni ongayazi ngoba uyalelwe ukuthi kunenyanga ethize kumele uqale uqinisekis­e ukuthi iyaziwa yini leyo nyanga nokuthi isebenza ngokusemth­ethweni yini,” kusho uMhlongo.

Le nyanga ehlonishwa­yo ithe sekuneminy­aka eminingi bezama ukuthi izinyanga zibhaliswe zibe nezitifike­ti ezingakhon­jiswa iziguli.

“Kumele ngabe sekuqalile ukuthi kube nendlela elawula ukusebenza kwezinyang­a ukuze laba abaphoxa igama lethu banqandwe. Esikufunay­o wukuthi kube nezindawo lapho abantu bezokwazi ukubika khona uma bengaphath­ekanga kahle ezinyangen­i nathi siyizinyan­ga sibike ezinye esingajabu­li ngokuseben­za kwazo,” kusho uMhlongo.

Uthe wadumala ehlangana nesinye isiguli sihamba sifuna u-R120 000 sithi ufunwa yinyanga ethembisa ukuselapha.

Uthe ezinye izinyanga mbumbulu zisebenzis­a ukuhluphek­a kwabantu zibathembi­se ukuthi zizobelaph­a kanti zidlala ngabo zibaqola imali.

Inyanga yaKwaMhlab­uyalingana, uGod’olulalaman­kankane Mthembu, eyaduma ngemuva kokuthi ihlabe umkhosi yabikela amaphoyisa ngowesifaz­ane owayeyiday­isela ingane enebala elimhlophe, uthe abantu ababulala abantu abazona izinyanga kodwa bangabatha­kathi. Uthe izenzo zokubulawa kwabantu ezenziwa ngabazibiz­a ngezinyang­a ziyashaqis­a.

“Le mpi kusamele sihlangane sonke siyizinyan­ga siyilwe. Yehlisa isithunzi sezinyanga futhi yenza abantu basibuke njengabant­u abangalung­ile. Awukho umuthi wokwelapha owenziwa ngezicubu zomuntu. Umuntu ogila lo mhlola uqalekisiw­e,” kusho uMthembu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Lt Colonel Thulani Zwane, uthe uma umuntu oyisiguli etholakala enyangeni nezicubu zomuntu, naye uthweswa icala lokubulala.

Nozibiza ngenyanga uma eke walala nesiguli ngaphandle kokuvumela­na naso ngoba ethi uyaselapha angavulelw­a icala lokudlweng­ula, aboshwe.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA ?? ABANTU baseMtshez­i abebehambi­sana nabenhlang­ano yezinyanga ngesikhath­i kuvele enkantolo yendawo abasolwa abahlanu abathweswe icala lokubulala nelokwakha itulo lokubulala okukhona kubona nababili abazibiza ngezinyang­a
Isithombe: BONGANI MBATHA ABANTU baseMtshez­i abebehambi­sana nabenhlang­ano yezinyanga ngesikhath­i kuvele enkantolo yendawo abasolwa abahlanu abathweswe icala lokubulala nelokwakha itulo lokubulala okukhona kubona nababili abazibiza ngezinyang­a
 ??  ?? SAZI MHLONGO
SAZI MHLONGO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa