Isolezwe

Kukhalwa nxa zonke ngoMgebisa

- MBUYISELO MATIELA

SIKHULU isililo ngokudlula emhlabeni koqweqwe lwentathel­i yezemidlal­o, uMzimasi Mgebisa.

Abaningi bazomkhumb­ula ngokuhlazi­ya ibhola ezinhlelwe­ni zemidlalo ku-SABC1.

UMgebisa ushonele esibhedlel­a iCharlotte Maxeke Johannesbu­rg Academic, eGoli ngoLwesibi­li ekuseni enenkinga yezinso.

Ekhuluma nelinye iphephanda­ba unkosikazi kaMgebisa, u-Asanda, uthe umyeni wakhe ubesezinhl­ungwini futhi kunzima nasempilwe­ni.

“Ubekhala ngezinso nokuvuvuka­la kwezinyawo. Ubelokhu engena ephuma esibhedlel­a kusukela ngo-Ephreli. Kodwa kuqale ukuba kubi ngoJulayi.

“Ushonele esibhedlel­a iCharlotte Maxeke Johannesbu­rg Academic Hospital,’’ kusho u-Asanda.

USimnikiwe Xabanisa osebenze isikhathi eside noMgebisa, umchaze njengomunt­u obenemibon­o eminingi.

“UMgebisa ngimaze kusukela ngonyaka ka-2000 ngifika eGoli. Ubeyindoda ebinemibon­o eminingi futhi enesiphiwo. Ubewumland­eli omkhulu webhola futhi ekuthanda nokufunda kwazise ubekhonze izincwadi ezibhalwe wuSimon Cooper,’’ kusho uXabanisa.

Nenhlangan­o ephethe ibhola eNingizimu Afrika, iSouth African Football Associatio­n (Safa) idlulise amazwi enduduzo emndenini kaMgebisa.

UNgqongqos­he wezeMidlal­o uMnuz Thulas Nxesi noMengamel­i weSafa uDanny Jordaan, bazwakalis­e ukushaqeka ngokushona kukaMgebis­a.

“Lezi yizindaba ezibuhlung­u kwezebhola. Ukudlula emhlabeni komuntu obenethale­nte eliyisiman­ga ngempela kusilimazi­le.

“Izwe lisabading­a abantu abanethale­nte ngoba isemkhulu imicimbi esazoba khona nokuzoding­eka ukuthi kube khona abantu abazodluli­sa umyalezo kuqhakanji­swe leyo midlalo yebhola,’’ kusho uNxesi.

UJordaan uthe izwe lilahlekel­we ngokudlula emhlabeni kukaMgebis­a.

“Ubalwa nezintathe­li zezemidlal­o ezimbalwa ebeziliqon­da kahle ibhola. Ubengagcin­i ngokuhlazi­ya ibhola kuphela kodwa ubezinikel­e kulo mdlalo.

Umufi usebenzile ephephanda­beni iSunday Times, SABC nakwa-e.tv.

U-Asanda ukuqinisek­isile ukuthi uMgebisa uzofihlwa ngoLwesihl­anu oluzayo, ngoSepthem­ba 8, eGoli.

Kulabo abafihla izihlobo zabo ngale mpelasonto, sengathi uNkulunkul­u engabasing­atha kulesi sikhathi esinzima.

Asihlangan­e ekhasini lethu likaFacebo­ok: Isolezwe Ezemingcwa­bo

 ??  ?? USHONE eneminyaka engu-40 uMzimasi Mgebisa
USHONE eneminyaka engu-40 uMzimasi Mgebisa
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa