Kushayisana izinkulumo ngomdlali we-The Citizen
IMENENJA kaLebogang Manyama ongumdlali weCape Town City, ayiyishayi mkhuba inkulumo yomqeqeshi uBenni McCarthy, ngesizathu sokumshiya ngaphandle emdlalweni odlule.
UManyama ubengabonwa emdlalweni womlenze wokuqala owandulela owamanqamu weMTN8 neBidvest Wits, eCape Town Stadium, eKapa, ngempelasonto edlule. UMcCarthy usheshe wakucacisa ukuthi umshiye ngaphandle uManyama ngenxa yokuthi umqondo wakhe awukho kwiCity kwazise kunezinkulumo zokuthi ufunwa yiMamelodi Sundonwns neqembu laseTurkey. Imenenja kaManyama, u-Alfred “Maimane” Phiri, ithe ayifuni ukuzifaka esinqumeni sokungadlaliswa kwalo mdlali. UPhiri uthe ngokwakhe alikho iqembu elibeke imali etafuleni lifuna uManyama.
“Yibona (Cape Town City) abangayikhuluma indaba yokungadlaliswa kwakhe. Umqeqeshi uyena owenze leso sitatimende. Angifuni ukukhuluma indaba yale nkulumo yomqeqeshi. Mhlawumbe uyena ongachaza kahle ukuthi ubeqonde ukuthini. Ngaphezu kwalokho iqembu liwinile engekho uLebo,” kusho uPhiri. Kusukela ngesizini edlule azikaze ziphele izinkulumo zokuthi iSundowns iyamfuna uManyama nokuyiqembu alihluphe kakhulu. Ugcine eqokwe njengePSL Footballer of The Season, wadla neLesley Manyathela Golden Boot emuva kokubhakuzisa inethi izikhawu ezingu-13. Izolo kuvele ukuthi iChiefs ibikade isibuza ngaye. Iwindi lokusayinisa abadlali livale izolo ngo-12 ebusuku. Usihlalo weCity, uJohn Comitis, uthe balichithile iqembu laseTurkey ngoba belifuna ukubanikeza imali encane. Uphinde waveza ukuthi neSundowns abenelisekanga ngebikubeka etafuleni. Nokho uPhiri uyakuphika lokho. “Ngokwazi kwami iSundowns ayikaze ibeke imali etafuleni ngoManyama. Bekungamahlebezi. Ukuba kukhona ekwenzile okukhombisa ukuthi iyamfuna ngabe ngiyasho futhi besizoxoxa nayo. Ngenhlanhla sengadlula kule nto yamahlebezi, ngiyayazi,” kusho uPhiri.
“Sizoqhubeka nokufunela uLebo iqembu phesheya kodwa akulula. Okuhle ngakho ukuthi akuyi ngeminyaka yomdlali. Uma ithuba livela ngeke siliyeke. Kukhona abadlali abasakhala namanje abayeka amathuba okuya phesheya. Okwamanje uLebo ungumdlali weCape Town City.”
Izolo iCity ithe uManyama uzoya kohlolwa yiKonyaspor FC yaseTurkey.
Ngesikhathi sokushicilela bekungakacaci abadlali abafana noManyama, Khama Billiat (Sundowns), Leonardo Castro (Sundowns, bangase basayine kwamanye amaqembu yini. UJeremy Brockie uzohlala kwiSuperSport United.