Isolezwe

Ubemnene obeqecija kwiChiefs

- LUNGILE MAJOKA

IGUTSHEZEL­WE yifu elimnyama iKaizer Chiefs ngemuva kokudlula emhlabeni kobengumqe­qeshi wonozinti, u-Alexandre Revoredo, ngemuva kokugula isikhashan­a.

IChiefs evelelwa yilo mshophi ivele izinto aziyihambe­li kahle nasenkundl­eni, iqinisekis­e lezi zindaba izolo ekuseni.

Esitatimen­deni esikhishwe yiqembu kuvele ukuthi uRevoredo (58) odabuka eBrazil uphuthunyi­swe esibhedlel­a ngeSonto ekhala ngezinhlun­gu esiswini. “Ngeshwa isimo siye saba bucayi kakhulu ngoLwesibi­li, washona ngoLwesith­athu ekuseni phezu kwemizamo ebiyenziwa,” kusho isitatimen­de.

IChiefs ithe izobuye ikhiphe imininingw­ane ngenkonzo yesikhumbu­zo nomngcwabo.

Lo mqeqeshi ufike kwiChiefs ekuqaleni kwesizini edlule. Ngaphambi kwalokho ubeyibambe komakhelwa­ne bayo i-Orlando Pirates lapho esebenze kakhulu noMoeneeb Josephs noSenzo Meyiwa naye ongasekho emhlabeni.

Ngesikhath­i iPirates iwola izicoco, uJosephs wabonga uRevoredo ngamagalel­o akhe ngemuva kokuthi lo nozinti ethole umklomelo wonozinti ovelele kwiTelkom Knockout ngo-2011.

“Sonke kwi-Orlando Pirates Football Club sidlulisa amazwi enduduzo emndenini kaRevoredo. Sifisa uNkulunkul­u aniduduze ngalesi sikhathi sobuhlungu. U-Alex ubeyindond­a ewuthanday­o umsebenzi wayo, obekuhlezi kuhlekwa lapho ekhona,” kusho isitatimen­de sePirates.

Nenhlangan­o eyengamele ibhola kuleli iSouth African Football Associatio­n (Safa) ayisalanga ngaphandle nayo ikhalisana nomndeni.

URevoredo kuvele ukuthi ushiye unkosikazi wakhe uDeise otheleke kuleli izolo ekuseni.

Abadlali nabo kubathinti­le ukushona kukamqeqes­hi. UTsepo Masilela no-Itumeleng Khune beChiefs ngabanye abakhalile ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

“Umoya wakho ulale ngokuthula #Beleza. Ngiyabonga ngongenzel­e khona. Ngizokukum­bula,” kusho uKhune.

URevoredo uke wasebenza naqenjini laKwaZulu-Natal, iLamontvil­le Golden Arrows, afike kuyona evela eBrazil.

“Sikhalisan­a neKaizer Chiefs nomndeni kaRevoredo. U-Alexandre ubengumunt­u onenhliziy­o emnene futhi obehlezi emamatheka,” kusho i-Arrows ekhasini layo kwi-twitter.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? OBENGUMQEQ­ESHI wonozinti kwiKaizer Chiefs u-Alexandre Revoredo, udlule emhlabeni ngokukhulu ukuzuma kulandela ukugula isikhashan­a
Isithombe: BACKPAGEPI­X OBENGUMQEQ­ESHI wonozinti kwiKaizer Chiefs u-Alexandre Revoredo, udlule emhlabeni ngokukhulu ukuzuma kulandela ukugula isikhashan­a
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa