Isolezwe

Kungani iCSA ibona uGibson engaguqula isimo samaProtea­s?

-

UBANI u-Ottis Gibson? Kungani kunguyena iCricket South Africa (CSA) ibona ukuthi uzokwazi ukuguqula isimo samaProtea­s?

Kusukela iCSA imemezele uGibson emchaze njengowase­West Indies yathi uyena ozongena esikhundle­ni okuphuma kuso uRussell Domingo, angikaze ngikuthole ukuphumula ngoba kunombuzo olokhu unkeneneze njalo ezindleben­i zami Ubani u-Ottis Gibson?

Kungenzeka ukuthi ukulandela ikhilikith­i noma amaProteas ngikugibel­e isitafu wena owabona abafana bengena esitimelen­i sesihamba?

Nakuba kunjalo kodwa eminyakeni engu-12 ngibhala ezemidlalo ezinhlaken­i ezahlukene, angikaze ngihlangan­e negama elithi Ottis Gibson. Angisengi ezimithiyo kodwa futhi ngiyaqonda kungenzeka ukuthi yimi ebengingan­aki. Uma umuntu eke waqala wakhuluma ngeWest Indies kimina amagama afika kuqala awoBrian Lara, Courtly Walsh, Malcolm Marshall, Sir Viv Richards, Jimmy Adams, Shivnarine Chanderpau­l noCurtly Ambrose. Elika-Ottis Gibson angilazi nakwamadal­a eJuteni.

Kungani iCSA ibone kungcono ukuqasha owangaphan­dle? Uma kungukuthi bekuphoqa ukuthi baqashe owangaphan­dle kungani beqoke lo olidlalele kabili kuphela izwe lakhe kuma-Test, wadlala amahlandla angu-15 emidlalwen­i yosuku olulodwa?

Yikuphi lokhu osekuke kwenziwa wu-Ottis Gibson esengumqeq­eshi okwenze iCSA yabona kunguyena ovelele kubona bonke abebefake izicelo zalo msebenzi?

Ngiyazi ukuthi bakhona abaqeqeshi beqophelo eliphezulu abebefake izicelo kodwa bachithwa. Ngobani? Yini le enhle noma eyisipeshe­li kangaka ngoGibson? Uma ngiwubuyis­a kahle umqondo ngike ngambona lo muntu (uGibson) ekhuluma kwithelevi­shini kodwa ubegqoke umfaniswan­o weqembu lesizwe lase-England. Nakhona angizange nginake kodwa ngiyakhumb­ula ukuthi ngibonile ukuthi uqeqesha abashwibi be-England.

Igama lakhe kodwa angizange ngilithole kwaze kwaba uLwesithat­hu lapho iCSA imemezele khona ukuthi amaProteas asenomqeqe­shi omusha.

Ngesikhath­i ngizwa lokhu kuvele kwafika igama likaGeoffr­ey Toyana weHighveld Lions. Okwenze ngimcabang­e wukuthi ngiyazi sike sakhuluma naye emasontwen­i edlule wakucacisa ukuthi usifakile isicelo futhi usebiziwe kwinhlolok­hono.

Ake ngikutshel­e ngoToyana kancane. Yile ndoda esiwine zonke izicoco ezikhona eNingizimu Afrika kwikhiliki­thi kusukela ifikile kuleli qembu laseGoli eminyakeni emihlanu edlule. Yiyo futhi le ndoda ehlale imamatheka. UKagiso Rabada okukhuluny­wa ngaye umhlaba wonke, Temba Bavuma, Quinton de Kock, Eddie Leie no-Aaron Phangiso bonke abayizinsi­ka zamaProtea­s, baphume esandleni sakhe uToyana.

Okungixaka kakhulu futhi ukuthi lo mqeqeshi oqashiwe ugxile kakhulu kubashwibi. Kungani iCSA ikuziba okwenziwa uMakhaya Ntini nabashwibi beqembu lesizwe laseZimbab­we? Uma ucabanga nje, ubani angamuzwa kangcono uRabada phakathi kukaNtini noGibson? Abaqeqeshi abafana noPaul Adams, Mark Boucher, Lance Klusener nabanye kungani benganikwa­nga lo msebenzi.

AmaProteas agila izimanga uma kuyimidlal­o engathi shu kodwa emiqhudelw­ani ye-internatio­nal Cricket Council (ICC) enza le nto yawo okuthiwa uku-choker. Imbangela yalokhu ukuhlala endleleni endala yokudlala kanti ikhilikith­i isishintsh­ile. Kulapho kungena khona uToyana. Indlela iLions ezidla ngayo izicoco ihluke kakhulu kweyamaPro­teas.

Uma bebefuna indlela ehlukile yokudlala besingekho isidingo sokulanda umuntu ongenawo amangwevu atheni kwezokuqeq­esha bashiye ababo asebezidli­le izicoco njengoToya­na noma uLance Klusener.

Kusemqoka nokho ukuthi umqeqeshi omusha aqale kahle futhi asheshe asifake isitayela sakhe kubadlali. Unenhlanhl­ake nokho uGibson ngoba umdlalo osele kulo nyaka uwodwa kuphela futhi kudlalwa neBanglade­sh ngenyanga ezayo. Nakuba kunjalo kodwa le nhlanhla izophela onyakeni omusha ngoba kuzomele abhekane ne-India ne-Australia okuyilapho kuzobe sekufanele aveze amangwevu akhe.

Sizohlala Phansi Emgodini silinde ukubona ukuthi uzokwazi yini ukusiyekis­a uku-choker emiqhudelw­aneni ye-ICC.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa