Isolezwe

Kushayisan­a izinkulumo ngomdlali we-The Citizen

- ZAKHELE XABA

IMENENJA kaLebogang Manyama ongumdlali weCape Town City, ayiyishayi mkhuba inkulumo yomqeqeshi uBenni McCarthy, ngesizathu sokumshiya ngaphandle emdlalweni odlule.

UManyama ubengabonw­a emdlalweni womlenze wokuqala owandulela owamanqamu weMTN8 neBidvest Wits, eCape Town Stadium, eKapa, ngempelaso­nto edlule. UMcCarthy usheshe wakucacisa ukuthi umshiye ngaphandle uManyama ngenxa yokuthi umqondo wakhe awukho kwiCity kwazise kunezinkul­umo zokuthi ufunwa yiMamelodi Sundonwns neqembu laseTurkey. Imenenja kaManyama, u-Alfred “Maimane” Phiri, ithe ayifuni ukuzifaka esinqumeni sokungadla­liswa kwalo mdlali. UPhiri uthe ngokwakhe alikho iqembu elibeke imali etafuleni lifuna uManyama.

“Yibona (Cape Town City) abangayikh­uluma indaba yokungadla­liswa kwakhe. Umqeqeshi uyena owenze leso sitatimend­e. Angifuni ukukhuluma indaba yale nkulumo yomqeqeshi. Mhlawumbe uyena ongachaza kahle ukuthi ubeqonde ukuthini. Ngaphezu kwalokho iqembu liwinile engekho uLebo,” kusho uPhiri. Kusukela ngesizini edlule azikaze ziphele izinkulumo zokuthi iSundowns iyamfuna uManyama nokuyiqemb­u alihluphe kakhulu. Ugcine eqokwe njengePSL Footballer of The Season, wadla neLesley Manyathela Golden Boot emuva kokubhakuz­isa inethi izikhawu ezingu-13. Izolo kuvele ukuthi iChiefs ibikade isibuza ngaye. Iwindi lokusayini­sa abadlali livale izolo ngo-12 ebusuku. Usihlalo weCity, uJohn Comitis, uthe balichithi­le iqembu laseTurkey ngoba belifuna ukubanikez­a imali encane. Uphinde waveza ukuthi neSundowns abenelisek­anga ngebikubek­a etafuleni. Nokho uPhiri uyakuphika lokho. “Ngokwazi kwami iSundowns ayikaze ibeke imali etafuleni ngoManyama. Bekungamah­lebezi. Ukuba kukhona ekwenzile okukhombis­a ukuthi iyamfuna ngabe ngiyasho futhi besizoxoxa nayo. Ngenhlanhl­a sengadlula kule nto yamahlebez­i, ngiyayazi,” kusho uPhiri.

“Sizoqhubek­a nokufunela uLebo iqembu phesheya kodwa akulula. Okuhle ngakho ukuthi akuyi ngeminyaka yomdlali. Uma ithuba livela ngeke siliyeke. Kukhona abadlali abasakhala namanje abayeka amathuba okuya phesheya. Okwamanje uLebo ungumdlali weCape Town City.”

Izolo iCity ithe uManyama uzoya kohlolwa yiKonyaspo­r FC yaseTurkey.

Ngesikhath­i sokushicil­ela bekungakac­aci abadlali abafana noManyama, Khama Billiat (Sundowns), Leonardo Castro (Sundowns, bangase basayine kwamanye amaqembu yini. UJeremy Brockie uzohlala kwiSuperSp­ort United.

 ??  ?? LEBOGANG MANYAMA
LEBOGANG MANYAMA
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa