Isolezwe

I-VW ne-crossover entsha iT-ROC

- IMOTO: VOLKSWAGEN T-ROC

UKUBA yintandoka­zi kwezimoto eziphakeme kwenze ukuthi abakwaVolk­swagen nabo baqhamuka nenye ngenhloso yokudoba abathange kulesi sigaba.

Imoto yabo iT-Roc iyi-compact crossover futhi ingaphansi kuneTourag neTiguan.

Le SUV encane abaningi ngesikhath­i bebona izithombe zayo bayifanise ne-Audi Q2 ngendlela ebukeka ngayo.

USihlalo weBhodi lakwaVolks­wagen uDkt Herbert Diess, uthe iphethe zonke izinto izinhle zezimoto zakwaVW njengokuba­mbelela nobuchweph­eshe.

IT-Roc izoba yiSUV yokuqala kule nkampani ukufika nemibala emibili njengokuth­i emzimbeni ibe womunye umbala kuthi okhakhayin­i ibe nomunye.

Ihlala abagibeli abahlanu futhi ibhuthi layo lingu-445 litres. Uma ulalise izihlalo zangemuva liba ngu-1 290 litres.

Iphuma neCity Emergency Braking nePedestri­an Monitor esiza ukuthi igweme ukushayisa abantu, iyazigcina ukuthi ingaphumi emzileni nokunye.

Ngasezinji­nini izotholaka­la ngezintath­u zikaphethr­oli iTSI nezintathu zikadizili iTDI. Izobe idonsa ngamasondo angaphambi­li no-gearbox ozishintsh­ayo futhi uma ithanda kukhona edonsa ngawo womane i-4Motion ne-dual clutch gearbox (7-speed DSG).

E-Europe izoqala ukutholaka­la ngoNovemba ngemali elinganise­lwa ku- 20,000 (R312 000). ENingizimu Afrika nokho akukaqinis­ekiswa ukuthi izotheleka nini. Sizokwazis­a uma imininingw­ane ephelele isikhona.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa