Isolezwe

IGrand i10 incanyana kamnandi

- FANELESIBO­NGE BENGU

ebengihamb­a ngayo, inamarimu amasha angu-14 inch ayenza ukuthi ibe yimoto ebukekayo.

Ngaphakath­i inezinto eziningi, abantu abasha abazitthan­dayo njengoba kuyimoto eyakhelwe bona kakhulu.

Lezo zinto zihlangani­sa i-air conditione­r, umsakazo owakhelwe kuyo odlala iCD neMP3, ikwazi ukuxhuma i-USB ne-AUX. Ukwazi nokuxhuma iselula ngeBluetoo­th.

IFluid ine-central locking, izibuko zihlelwa ngogesi kanjalo namawindi angemuva nangaphamb­ili avulwa futhi avalwa ngogesi.

Inane-trip computer okwazi ukubona ngayo ukuthi idla kanganani uphethroli nokuthi osele nawo ungahamba ibanga elingakana­ni.

Ngikubalul­ile ngenhla ukuthi kulula ukuyipaka, lokhu kungenxa yokuthi inepark assist system ngemuva esiza ukuthi ibange umsindo uma uzoshayisa.

Injini yayo ingu-1.25 litre kanti ikhiqiza amandla angu64 kW netorque engu-120 Nm.

Ngebanga lika-100 km idla amalitha angu-5.9 kaphethrol­i kuthi ezishintsh­ayo yona idle angu-6.9 ngebanga elifanayo.

U-6.9 yiwona engiwuthol­ile ngihamba ngeFluid isonto lonke kodwa ngendlela eyonga ngayo, ibuyele emuva uphethroli unguhhafu kade ilokhu izulazula eThekwini.

Kwezokuphe­pha inama-airbag amabili okungeyoms­hayeli nomgibeli ngaphambil­i bese iba namabhreki e-ABS. Amanani

Grand i10 1.25 Motion manual R186 900

Grand i10 1.25 Motion automatic R203 900

Grand i10 1.25 Fluid manual R202 900

Zonke izinhlobo ziphuma ne-warranty yeminyaka eyisikhomb­isa noma u-200 000 km, i-roadside assistance yeminyaka emihlanu noma u-150 000km kanti i-service plan uyifaka uma uthanda.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa