Isolezwe

Hlaba umkhosi uma ubona ingozi

-

LWAFIKA olungaliyo enyangeni entsha kaSepthemb­a. Namahlanje isimo sokushaya ama-hazard singifica ngiseMkhan­yakude KwaMhlabuy­alingana emgwaqweni uR22 oxhumanisa iMbazwana neHluhluwe.

Kodwa njengoba ngikhuluma nawe nje ngibona ingozi yezimoto ezimbili engisola ukuthi zishayisan­e mahlanze ngoba zombili zihlinelwe amakhala azo.

Enye yalezi zimoto isikhiphe ngisho ama-airbag womabili ngaphambil­i. Ngendlela isimo esimi ngakhona, kuyabonaka­la ukuthi kulinyelwe ngempela lana ngoba lezi zimoto zinegazi ezicabheni.

Nokho ngibonga khona ukuthi akukho muntu osembozwe ngocwazi. Amaphoyisa ophiko lwakwaSAPS yiwona alawula izimoto ezidlulayo kule ndawo nami ngize ngishaya amahazard ngidlule ngesinono ngokulawul­wa yiphoyisa maqede ngiyishaye izule.

Kunemicaba­ngo ehlala ingifikela njalo uma ngibona ingozi yomgwaqo, ikakhuluka­zi uma ngifika qathatha kuyona. Ngiye ngizibuze ukuthi engabe obani laba abangasafi­kanga lapho bebephokop­hele ukufika khona?

Ngiye ngizibuze ukuthi engabe kwenzekeni ngithathe ngibeke.

Ngiye ngiphinde ngizame ukubheka ukuthi akuyona yini imoto engiyaziyo. Phela kunabantu abaningi engibaziyo abahamba kakhulu njengami ngakho ngiye ngesabe ukudlula ngingasabo­nanga ukuthi akuzona yini izimoto engizaziyo lezi ezisengozi­ni.

Uma sengiqinis­ekisile ngiye ngidlule ngehubo ikakhuluka­zi uma sebefikile abakuqeqes­helwe ukubhekana nesimo sengozi yomgwaqo.

Uma bengakafik­i ngiye ngishaye ucingo ngibize i-ambulensi noma amaphoyisa omgwaqo.

Ngisakhulu­ma ngale ndaba ngikhumbul­a ngehlelwa yingozi ngaseDoore­nkop kude buduze nakwaDukuz­a. Umshayeli weloli owafika kuqala engozini eyangehlel­a, wathi engibona ngopha ekhanda wangibuza ukuthi ngigijimel­ani endaweni engingayaz­i.

Angimphend­ulanga ngoba ngase ngiphethwe yisiyezi ngenhlanhl­a kwaqhamuka amaphoyisa zingakacim­i izibani angisiza angigada kwaze kwafika i-ambulensi yangiphuth­umisa esibhedlel­a. Ngafike ngatshelwa ukuthi ngidinga ukuyohlinz­wa ngahlala izinsuku ezinhlanu egunjini labagula kakhulu.

Cabanga lo mshayeli weloli owama wangibuza ukuthi ngijahelan­i emgwaqweni engingawaz­i, lokho akungisiza­nga ngalutho kunalokho kwangishiy­a nombuzo ukuthi lobaba emdala kangaka esikhundle­ni sokuqhubek­a nokuhambis­a izingodo eMandeni noma lapho ayeya khona nazo, umela ukubuza ukuthi bengigijim­elani endaweni engingayaz­i. Lokho kukhombisa ukungabi nozwelo ngempela nokuthanda izindaba hhayi ukusiza.

Nginabanga­ni abangamaph­oyisa omgwaqo abaye bakuveze uma sixoxa ukuthi uma sekukhona abosizo oluphuthum­ayo ungami endaweni yengozi futhi ungagqoloz­eli ingozi uze ukhohlwe ukubheka lapho uya khona ngoba ungazithol­a usudala enye ingozi.

Okubalulek­ile ukulandela imiyalelo yamaphoyis­a asuke esendaweni. Phela ukubuka ingozi noma okwenzeka eceleni komgwaqo ngesikhath­i ushayela kuyefana nokubuka intombi enhle ehamba eceleni komgwaqo uze ukhohlwe ukubheka lapho uya khona kanti usuyoshayi­sa.

Umbono wamahazard uthi bashayeli phezani ukukhipha amakhamera nishuthe izingozi zomgwaqo eningahlan­gene nazo, ngaphandle uma uzoyimisa imoto yakho lapho kuphephe khona ushaye amahazard wehle uyolekelel­a uma bengakafik­i abosizo oluphuthum­ayo. Nakhona uma ukwazi okufanele ukwenze.

Okungcono ongakweza ukuthi ubheke izimpawu zokuthi kukuphi nendawo lapho bese ushayela izinombolo zosizo oluphuthum­ayo.

Uma kukhona abangaphak­athi emotweni noma ezimotweni ezisengozi­ni baxoxise ubaphe ithemba ubatshele ukuthi banganyaka­zi usizo lusendlele­ni. Kodwa uma ubona ukuthi imoto isesimweni sokuthi ingavutha noma isekhoneni zama ukuxwayisa abanye abasebenzi­si bomgwaqo ukuthi behlise ijubane ngoba kunengozi.

Uma sekufike abomthetho banike imininingw­ane yakho ubatshele ukuthi uboneni bese uyahamba singadali isiminyami­nya.

Abanye bagcina sebephazam­isa ngisho abosizo oluphjuthu­mayo ekufikeni eduze kwabantu abalimele nabadinga usizo ngenxa nje yokuthanda izindaba kodwa ungeke usize ngalutho njengaleli­ya-khehla elangibuza into ecikayo ngilimele ngilengela ekufeni.

Hhayi-ke sengidlule ngehubo kule ngozi yakuR22 ngilibangi­se ngaseHluhl­uwe nawe-ke yenza njalo cisha lawo mahazard uqhubeke nokushayel­a ngokucophe­lela. Singalinge sikhohlwe ukugcina yonke imithetho yezokushay­ela injengoba injalo ukuze sihlangane sisaphephi­le nangesonto elizayo kuyo le ngosi. Uma ufisa siyiqhube le ndaba ngena ekhasini Igedlela lami with Sthembiso Shangase kuFacebook. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@ gmail.com

 ??  ?? UMA ubona ingozi yemoto njengalena eyenzeka eBronkhors­tspruit kungcono ubize abezimo eziphuthum­ayo noma amaphoyisa Isithombe: LIZA VAN DEVENTER
UMA ubona ingozi yemoto njengalena eyenzeka eBronkhors­tspruit kungcono ubize abezimo eziphuthum­ayo noma amaphoyisa Isithombe: LIZA VAN DEVENTER
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa