Isolezwe

Abakwa-Isuzu kabayi ndawo

-

IMOTO: KB 250 X-Rider 4x2 Double Cab

NGESIKHATH­I iGeneral Motors (GM) imemezela ukuthi isiyashiya ekusebenze­ni eNingizimu Afrika kwashaqeka abaningi.

Ezimnandi kodwa kubathandi bamaveni akwa-Isuzu Truck South Africa (Pty) Limited wukuthi le nkampani yathi izothenga amasheya kwaGM ukuze iqhubeke nokusebenz­a eNingizimu Afrika.

Yathi ifuna ukuqhubeka nokukhiqiz­a i-Isuzu KB.

Esinye isizathu sokuqhubek­a nokusebenz­a wukuthi i-Isuzu KB ingenye yamaveni enza kahle kakhulu emakethe kuleli ikakhuluka­zi njengoba abathengi benezinhlo­bo ezahlukene abangakhet­ha kuzo.

Enye inhlobo yalawo ma-Isuzu KB eyenza kahle, yiKB 250 X-Rider 4x2 Double Cab.

Le moto ike yaba khona emagaraji ngonyaka odlule kodwa ngaleso sikhathi yayingeyek­hethelo kwazise zazingu-700 kuphela ezazidayis­a.

Ukuthandwa ngabatheng­i yikho okwenze abakwa-Isuzu bayibuyisa.

Enye into eyenza ukuthi ibe yintandoka­zi kubathengi wukuthi iyaheha ngaphandle. Uyabona nje ukuthi yiveni ongahamba ngalo nsuku zonke akukhona ukuthi yimoto ongayikhip­ha uma ufuna ukuvakashe­la emakhaya noma ukuyoqwala izintaba ngempelaso­nto.

Inyathela ngamasondo anamarimu angu-18 inch phakathi nendawo abhalwe u-Isuzu, phambili ine-bumper guard emnyama celeni base beyifaka ama-fog lights, izitebhisi zimnyama kanjalo ne-sports bar sase siqoshwa uX-Rider.

Ngemuva ine-tow bar. Imibala yayo ihlukene kathathu okungoSumm­it White, Switchblad­e Silver, okuwumbala wengiyiviv­nyile noPull Me Over Red.

Ngaphakath­i inezihlalo zesikhumba nesitering­i kanjalo nesitering­i sesikhumba.

Izihlalo zinezitish­i ezibomvu bese kuthi lapho ubeka khona ikhanda zibe noX-Rider.

Isiteringi sinamabhat­hini okulawula umsakazo noma ukuphendul­a iselula kwazise ixhunywa nge-Bluetooth.

Ngaphansi kwebhoneth­i inenjini engu-2.5 litre enamandla angu-100 kW netorque engu-320Nm. Le njini ine-turbo lag encane eyenza ukuthi ingasuki ngamandla kodwa uma isisemgwaq­eni iwubukhosi ngoba iyashesha.

Okungenza kungabi mnandi ukuhamba ngayo edolobheni wukuthi kuzomele uhlale unemali eshintshek­ile ozoyipha abaqaphi bezimoto uma upaka. Lokhu kungenxa yokuthi ayinawo amasensor ngakho ukuze ungabi senkingeni yokuklwebh­a izimoto zabanye, kumele usizwe ngabafana bakupakise uma uhlehla. INANI Isuzu KB 250 Double Cab X-Rider R 388 400.00

Zonke ziphuma ne-warranty yeminyaka emihlanu noma ibanga lika-120 000km nohlelo lwe-roadside assistance, i-anti corrosion warranty yeminyaka emihlanu ne-service plan yeminyaka emihlanu noma ibang lika-90 000 km. Kumele uyise kwisevisi njalo ngemuva kwebanga lika-15 000.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa