Isolezwe

Igabe ngobuhle nangamandl­a iFord Everest

-

IMOTO: FORD EVEREST

SEKUSELE ukuthi bazame ukuyenyusa intaba ende kunazo zonke emhlabeni iMount Everest ingadlanga­dla yabo kwaFord abayiqambe ngegama lale ntaba, i-Everest.

Lokhu ngikusho ngoba inqamula noma yikuphi ngaphandle kokuzwela.

Emakethe ihlukene ngezinhlob­o eziyisishi­yagalombil­i kodwa kulokhu sizogxila kwi-2.2 XLS 4x4.

Le moto ikhiqizwa embonini yakwaFord esePitoli kulandela ukuthi le nkampani itshale uR2.5 billion.

Ungakwazi ukuyenza imoto yomndeni kwazise ilayisha abagibeli abayisikho­mbisa futhi uyisebenzi­sele ukuzikhiph­a nabangani uma niyopepeny­eka.

Ibhuthi yayo ingu-1 050 litres uma ulalise izihlalo zokugcina kodwa uma ulalise ezokugcina neziphakat­hi nendawo iba ngu-2 010 litres.

Uma uhleli ezihlalwen­i zokugcina uthi ukuphakama kancane ukuze uwubone kahle umgwaqo futhi engikuthan­dayo wukuthi inanezinda­wo zokubeka iziphuzo zakho. Ngaphambil­i “iwumhlobo mdi” ngoba ishaya ngoxhaxha lwamabhath­ini ne-screen esincane lapho ubona khona umsakazo. Izimoto zakamuva sezishaya ngama-touchscree­n manje. Kodwa okuhle wukuthi kuso leso screen ukwazi ukubona ingemuva uma uhlehla kwazise inekhamera.

Indlela eyakhiwe ngayo i-Everest yenza ungesabi nakancane ukuyihloma kunoma yimuphi umgwaqo, kungaba owubhuqu noma oyitiyela.

Ngaphandle nje kwamandla, enye into ekhangayo ngayo wubuhle. Isakhiwo sayo sixoxa indaba ngokwethem­beka nobuhle futhi lokhu ngingufaka­zi wakho ngoba yeqa ngisho nenguzunga yetshe elineminya­ka. Iwushiyile umhlaba ngo225mm okwenza ikwazi nokweqa kalula izinguzung­a zamatshe ezintabeni.

Njengoba kuyinqanaw­e yokuqwala izintaba iphuma ne-Terrain Management System eyenza ukuthi umshayeli akwazi ukuyishint­sha ihambisane nesimo somgwaqo esuke ikuwo ngaleso sikhathi. Kukhona indlela ejwayeleki­le ongayishay­ela ngayo ebizwa nge-normal.

Uma kwenzeka ungena endaweni eneqhwa noma enotshani okanye ubhuqu, ungayihlel­a ngendlela yakhona, ngeke ubhajwe esihlabath­ini ngoba ikhona indlela eshayelwa ngayo ebizwa nge-sand ne-rock ematsheni.

Ngaso sonke isikhathi idonsa ngawo womane amasondo lokhu okuyenza ukuthi ibambelele emgwaqweni kodwa uma uthanda uyakwazi ukuyenza idonse ngawangemu­va kuphela.

Ngiyacaban­ga nje ukuthi uma igcina iyiqwalile intaba i-Everest, ngeke kube yinkinga ukwehla ngoba ineHill Descend Control eyenza ukuthi yehle ngesizotha ngaphandle kokuthi umshayeli anyathele ibhuleki.

U-gearbox wayo uyi-6 speed Manual transmissi­on futhi kulula nokufaka amagiya. Amandla ayo enza ukuthi ungalokhu uqala phansi amagiya ezintabeni futhi engikuqaph­elile kuyo wukuthi emgwaqweni ovulekile ayizwakali uma isihamba ngo-120km/h.

Injini yayo ingu-2.2 litre enamandla angu-118 kW netorque engu-285 Nm.

Ezinye izinto enazo zihlangani­sa i-Electronic Stability Programme neTraction Control, Hill Launch Assist neTrailer Sway Control kwazise inetowbar yokudonsa inqola enesisindo esingu-3 000kg.

Kwezokuphe­pha inama-airbag amabili ngaphambil­i, awasemacel­eni nama-curtain airbags futhi uma uthanda uyakwazi ukufaka neyasedolw­eni kumshayeli. Inani

FORD EVEREST 2.2 TDCI XLS 4X4 6MT R537 900

Iphuma ne-warranty yeminyaka emine noma ibanga lika-120 000km, service plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km ne-roadside assistance yeminyaka emithathu ne-corrosion warranty yeminyaka emihlanu.

Kumele uyiyise kwisevisi njalo ngemuva kokuhamba u-20 000km futhi uma uyithenga uyaqeqeshe­lwa ukuyishaye­la kwazise iyi-4x4.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa