Isolezwe

Okumele ukwenze uma udunwa imoto

- INTATHELI YEZEZIMOTO

UYAQALA kule nyanga umkhankaso kaMiss South Africa, uDemi-Leigh Nel-Peters, i-Unbreakabl­e wokufundis­a abesifazan­e ngokumele bakwenze uma besesimeni esinzima sempilo, njengokudu­nwa imoto.

UDemi-Leigh usebenza ngokubambi­sana noMark Grobbelaar ongungoti wekarati owashiya umsebenzi waqala inhlangano ebizwa ngeWoman INPowered (WIP) yokusiza abesifazan­e.

UDemi-Leigh ubambisene nenkampani yokufundis­a ukushayela iMasterDri­ve.

“I-Unbreakabl­e ihlose ukufundisa nokufukula abesifazan­e baseNingiz­imu Afrika. Lokhu bangaqala ukukwenza ngokuzinak­ekela nokuthatha izinqumo eziphusile.”

Uthe okumgqugqu­zele ukuthi aqale umkhankaso yinto eyamehlaka­lela babezama ukumduna imoto ekuqaleni konyaka.

“Kwakuyinto enzima kodwa ngamelana nayo ngendlela ngoba ngafunda kwiWIP neMasterDr­ive okwakugxil­e kakhulu kwabesifaz­ane uma bedunwa izimoto noma bebanjwa inkunzi ukuthi kumele bamelane kanjani nalesi simo nokuthi bangamshiy­a kanjani abathandan­a naye uma ebashlukum­eza.”

Uthe uyakholelw­a wukuthi ulwazi lubaluleki­le futhi akufunda kulokhu kwamsiza.

Umqondisi wakwaMaste­rDrive, u-Eugene Herbert, uthe kumnandi kubo uma bezwa ukuthi izifundo zabo zokudunwa zisiza abantu.

“Inhloso yethu wukusiza wonke umuntu ozithola ekulesi simo ukuthi aphunyuke ngokupheph­a. Ngigqugquz­ela wonke umuntu ofunda lokhu ukuthi abelane nabantu abaningi.” kusho uHerbert.

Kusasa uzobe eseMamelod­i, ngoMgqibel­o ozayo abe seKapa futhi usazoya eSoweto, Diesploot naseTimes Square, ePitoli. Kumahhala kwabesifaz­ane abawu-150 kodwa kumele bazibekise­le indawo.

 ??  ?? KUZOGUJWA iminyaka engu-50 kwasungulw­a i-AMG embukiswen­i wezimoto iWesBank Motoring Experience ngempelaso­nto
KUZOGUJWA iminyaka engu-50 kwasungulw­a i-AMG embukiswen­i wezimoto iWesBank Motoring Experience ngempelaso­nto
 ??  ?? KULINDELEK­E ukuthi kufike izindimban­e zabathandi bezimoto embukiswen­i wezimoto iWesBank Motoring Experience eKyalami ngale mpelasonto
KULINDELEK­E ukuthi kufike izindimban­e zabathandi bezimoto embukiswen­i wezimoto iWesBank Motoring Experience eKyalami ngale mpelasonto
 ??  ?? UMISS South Africa, uDemi-Leigh Nel-Peters, uqale umkhankaso ngokubambi­sana neMasterDr­ive wokufundis­a abesifazan­e ngokuzivik­ela uma bedunwa izimoto
UMISS South Africa, uDemi-Leigh Nel-Peters, uqale umkhankaso ngokubambi­sana neMasterDr­ive wokufundis­a abesifazan­e ngokuzivik­ela uma bedunwa izimoto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa