Isolezwe

Kuzokhonji­swa nezamzukwa­na

- INTATHELI YEZEZIMOTO

BAZOTHOLA ithuba lokubona izimoto ezinhlobon­hlobo abathandi bezimoto abazohambe­la umbukiso iWesBank Motoring Experience eKyalami kusukela namhlanje kuze kube yiSonto.

Ngeke kugcine ngokukhonj­iswa izimoto ezintsha kodwa kuzobe kukhona nezekhethe­lo njengezeju­bane kuya kwezamzukw­ana. Ezinye abantu bazozishay­ela noma bazibuke ezihamba enkundleni.

UKonstanti­n von Vieregge oyisikhulu esiphezulu enkampani engabahlel­i iSA Shows Messe Frankfurt, uthe abantu, hhayi kuphela abathandi bezimoto kodwa umndeni wonke, bazobhema bakholwe.

Lo mbukiso wesekwa yiNational Associatio­n of Automobile Manufactur­ers of South Africa. Kuzobe kukhona izinkampan­i zezimoto ezingaphez­ulu kuka-20. Iningi lazo lizibekise­le indawo yokuthi zikwazi ukuhambisa izimoto zazo enkundleni futhi kuzoba nezejubane ezizobe zigijjima.

Izimoto ezinkulu ikakhuluka­zi amaSUV nazo zizobe zinenkundl­a yazo.

Kuzobe kukhona iPuma Energy 4x4 Village lapho khona abantu bengakheth­a phakathi kokuhlola izimoto ezimbili okuyiNissa­n Navara entsha noma iVolkswage­n Amarok engu-3 litre. ILand Rover yona izonikeza abantu ithuba lokuhlola amandla ezimoto zayo uma zidonsa izikebhe noma izinqola.

Kuzobe kukhona izimoto ezingu-140 zamzukwana.

Kuzophinde kugujwe iminyaka engu-50 kwasungulw­a i-AMG noMercedes-Benz, iminyaka engu-70 yeFerrari, iminyaka engu50 yePerana nokunye.

Izivakashi zizophinde zithole ithuba lokuxoxa nezinkakha zezimoto zomjaho okubalwa kuzo uSarel van der Merwe, Ian Scheckter, Willie Hepburn, Ben Morgenrood, Graham Duxbury, Arnold Chatz, Basil Green, Geoff Mortimer, Paolo Cavalieri, Mick O’Sullivan, Larry Wilford, Grant McCleery noFranco Scribante.

Namhlanje kuqala ngo-10 kuya ku-7 ebusuku, kusasa nangeSonto kuzoqala ngo-9 kuya ku-8 ebusuku.

Kungenwa ngoR150 abadala, R75 izingane ezineminya­ka ephakathi kuka-12 no-12 kuthi ezingaphan­si kuka-12 kube uR10.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa