Sebedonsa amanzi emfuleni ngenxa yesomiso
UMKHANDLU waseHarry Gwala usuqale uhlelo lwezigidi zemali lokudonsa amanzi emfuleni ngenhloso yokulwa nesomiso esihlalise lubhojozi umphakathi wakulesi sifunda.
IMeya yalo mkhandlu uMnuz Mluleki Ndobe ithe bathathe isinqumo sokuthi bawadonse ngale ndlela amanzi ngoba bebona ukuthi lubuye lube nezinkinga uhlelo lokuwamba phansi lwamaborehole.
“Amanzi sizowadonsa emifuleni bese siwaletha ezikhungweni lapho ezohlanzwa khona ukuze akulungele ukuthi asetshenziswe ngumphakathi,” kusho uNdobe ngesikhathi ethula lolu hlelo eMangwaneni eBulwer ngempelasonto.
Uthe lokhu bakwenza ngoba bebona ehla amanzi emadamini abaphakelayo.
UNdobe uthe abantu bebegula bephathwa yizifo ezehlukene kubalwa nesifo sohudo ngenxa yokusebenzisa amanzi angahlanzekile.
“Sihlose ukuthi ngo-2030, isifunda sethu kube sekuyiso esihamba phambili lapha KwaZuluNatal ekuhlinzekeni umphakathi ngamanzi.
“Amadamu ethu amaningi awasebenzi kahle ngenxa yokwehlelwa ngamanzi okwenza umphakathi uhlukumezeke,” kusho uNdobe.
Uthe enye inkinga ababhekene nayo ingqalasizinda endala eholela ekutheni amanzi amosheke.
“Yinqwaba yamanzi emoshekayo igcine ingafikanga kubantu ngenxa yamapayipi avuzayo okusamele ashintshwe,” kusho uNdobe.
Uthe zikhona nezinye izinhlelo abanazo zokuthuthukisa isifunda sabo.
“Isifunda sethu siqine kwezolimo nakwezokuvakasha njengoba nazi ukuthi siseduze nendawo yasoKhahlamba ehanjelwa kakhulu yizivakashi ezivela emazweni omhlaba,” kusho uNdobe.
Uthe isifunda sabo senza kahle ekukhiqizeni ubisi njengoba sihlinzeka inkampani iClover SA ngobisi ezweni lonke.
UNdobe uthe manje balwa nokuthi bafake abantu abamnyama emkhakheni wezolimo nezokuvakasha ngoba kusagcwele abamhlophe.