Azovula ngeBucs AmaZulu kwiMDC
ukudlala kwelikaCavin Johnson. Amaqembu aKwaZulu-Natal asezakhele igama ngokwenza kahle kwiMDC kusukela yaqala kumasizini edlule. Izobe idlalwa okwesine. ILamontville Golden Arrows yawina iligi yeMDC yokuqala ekuqaleni konyaka odlule.
IMaritzburg United isemaqenjini abeshaya into ecokeme kwiMDC kodwa ahluleka ngasekugcineni. UMoroka uthe nakuba bengakujabulela ukuwina iligi kodwa inhloso yabo enkulu wukuthuthukisa abadlali ukuze balungele ukudlala eqenjini eligijima kwiPremiership.
“Sihlanganise abafana abasha nabebevele bekhona. Inhloso ukubanika ithuba lokuzibonakalisa ukuthi sebekulungele ukudlala eqenjini elikhulu. Sifuna ukukhipha okungenani abathathu abazonyukela eqenjini elikhulu ekupheleni kwesizini,” kusho uMoroka.
“Asiyazi iPirates ukuthi idlala kanjani kodwa silungele konke esizobhekana nako. Noma umphumela ungathini kodwa okubalulekile wukushaya into ecokeme enkundleni sigcine isithunzi seqembu. Sincane isikhathi esisenaso nabadlali kodwa lokho akuzona izaba.”
Isolezwe lithole ukuthi kunezinhlelo zokuthi iqembu loSuthu leMDC lidlale eminye yemidlalo yalo oLundi Stadium. Leli qembu linobudlelwano obuhle noMasipala iZululand kwazise ngenyanga edlule belihlele iPrince Mangosuthu Legacy Cup.
“Ulundi yindawo esinobudlelwano nayo futhi sihlale sifuna ukuhambisa iqembu ezindaweni zasemakhaya. Eminye yemidlalo yethu sizoyidlala Olundi. Empeleni umdlalo wethu wasekhaya olandelayo sizowudlalela khona,” kusho uMoroka.
Ngaphambi komdlalo waMaZulu nePirates ozoba ngo-12 emini, eClermont, kuzogadulisana iBloemfontein Celtic neMamelodi Sundowns ngo-12 emini. NgeSonto kuzodlala iMaritzburg United neFree State Stars ngo-10 kuthi ngo-12 kudlale iGolden Arrows neKaizer Chiefs.