Isolezwe

Ulaxaze inkampani abeqopha kuyo

- FANELESIBO­NGE BENGU

USELAXAZE inkampani aqopha kuyo iMuthaland Entertainm­ent, uNathi ozakhele udumo ngengoma ethi Nomvula ayikhipha ngo-2015.

UNathi utshele leli phephandab­a ukuthi akasekho kule nkampani kaLance Sterh.

Ngonyaka odlule ukhiphe i-albhamu yakhe yesibili ethi Umbulelo Wam kwabe sekudlalwa emsakazwen­i ingoma ethi, Amagama.

“Umbulelo Wam awuthengis­i kakhulu njenge-Buyelekhay­a (i-albhamu yakhe yokuqala). Kusenezint­o engisazilu­ngisa,” kusho uNathi.

Ebuzwa ukuthi Umbulelo Wami ukhona ezitolo uthe: “Ikhona, wukuthi iphume enkampanin­i yami endala.”

Yilapho edalule ukuthi akasekho kwekaLance, wathi useneyakhe. Akafunanga ukuphumela obala ngezizathu ezimenze washiya.

ULance uthe uNathi njengoba engabonaka­li yingoba usanda kubusiswa ngengane.

“Usachitha isikhathi nengane. I-albhamu yakhe yenza kahle,” kusho uLance.

Uthe ngamahemuh­emu ukuthi uNathi akasekho enkampanin­i futhi akazi athini ngawo.

UNathi uthe akafuni ukukhuluma kakhulu kodwa okuningi kuzovela maduze ezinkundle­ni zokuxhuman­a mayelana nezinhlelo zakhe.

“Ngisazenze­la umsebenzi wami. Ekugcineni le nto ilapha kimi, ayikho kubantu engisebenz­a nabo,” kusho uNathi.

Uthe njengoba engabonaka­li yingoba kukhona izinto amatasa ngazo kodwa uzozidalul­a uma sezihlange­ne.

Inkampani kaLance isisele nabaculi okubalwa kubo uNtando osanda kukhipha i-albhamu noVusi Nova.

ULance uthe kuneqembu elisha elitholwe nguVusi abazokhiph­a umculo wabo omusha i-047.

Abaculi asebake bashiya inkampani kaLance kubalwa kubo noZola.

 ?? Isithombe:NOKUTHULA MBATHA ?? UNATHI Mankayi uthi uzozidalul­a maduze izinhlelo zakhe njengoba ethi useyishiyi­le inkampani abeqopha kuyo kaLance Sterh
Isithombe:NOKUTHULA MBATHA UNATHI Mankayi uthi uzozidalul­a maduze izinhlelo zakhe njengoba ethi useyishiyi­le inkampani abeqopha kuyo kaLance Sterh
 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? UZAHARA uthi uzokhipha i-albhamu entsha maphakathi nenyanga ezayo bese eyayiphush­a phesheya ngonyaka ozayo
Isithombe: INSTAGRAM UZAHARA uthi uzokhipha i-albhamu entsha maphakathi nenyanga ezayo bese eyayiphush­a phesheya ngonyaka ozayo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa