Ulaxaze inkampani abeqopha kuyo
USELAXAZE inkampani aqopha kuyo iMuthaland Entertainment, uNathi ozakhele udumo ngengoma ethi Nomvula ayikhipha ngo-2015.
UNathi utshele leli phephandaba ukuthi akasekho kule nkampani kaLance Sterh.
Ngonyaka odlule ukhiphe i-albhamu yakhe yesibili ethi Umbulelo Wam kwabe sekudlalwa emsakazweni ingoma ethi, Amagama.
“Umbulelo Wam awuthengisi kakhulu njenge-Buyelekhaya (i-albhamu yakhe yokuqala). Kusenezinto engisazilungisa,” kusho uNathi.
Ebuzwa ukuthi Umbulelo Wami ukhona ezitolo uthe: “Ikhona, wukuthi iphume enkampanini yami endala.”
Yilapho edalule ukuthi akasekho kwekaLance, wathi useneyakhe. Akafunanga ukuphumela obala ngezizathu ezimenze washiya.
ULance uthe uNathi njengoba engabonakali yingoba usanda kubusiswa ngengane.
“Usachitha isikhathi nengane. I-albhamu yakhe yenza kahle,” kusho uLance.
Uthe ngamahemuhemu ukuthi uNathi akasekho enkampanini futhi akazi athini ngawo.
UNathi uthe akafuni ukukhuluma kakhulu kodwa okuningi kuzovela maduze ezinkundleni zokuxhumana mayelana nezinhlelo zakhe.
“Ngisazenzela umsebenzi wami. Ekugcineni le nto ilapha kimi, ayikho kubantu engisebenza nabo,” kusho uNathi.
Uthe njengoba engabonakali yingoba kukhona izinto amatasa ngazo kodwa uzozidalula uma sezihlangene.
Inkampani kaLance isisele nabaculi okubalwa kubo uNtando osanda kukhipha i-albhamu noVusi Nova.
ULance uthe kuneqembu elisha elitholwe nguVusi abazokhipha umculo wabo omusha i-047.
Abaculi asebake bashiya inkampani kaLance kubalwa kubo noZola.