Isolezwe

UZahara ne-albhamu ekhuluma ngempilo yakhe

- FANELESIBO­NGE BENGU

ISILOMO somculi we-Afro pop, uZahara, sithi uma singakhulu­ma ngesesidlu­le kukho empilweni, iNingizimu Afrika ingama nse, kube khona nabaphelel­wa yimisebenz­i.

UZahara usedlule kokuningi, okunye ukhuluma ngakho kwi-albhamu yakhe ezophuma ngo-Okthoba 13. Isihloko sayo sithi Umgodi. Kuzoba yi-albhamu yakhe yesine kodwa eyokuqala esezimele kodwa eyokuqala azoyikhaph­a ngaphandle kwe-TS Records. Njengamanj­e usebenzisa­na neWarner Music.

“Ikhuluma ngempilo yami. Ngixoxa indaba futhi,” kusho uZahara.

Uthe ufuna ukubhala incwadi ngempilo yakhe futhi usabheka umuntu ozombhalel­a aphinde enze nohlelo oluzokhulu­ma ngempilo yakhe.

“Luzobe lukhuluma ngomsebenz­i wami nangempilo yami ukuze kube khona abagqugquz­elekayo.”

Uthe uyalifulat­hela elakuleli ngonyaka ozayo uya phesheya kwezilwand­le.

“Ngixoxa indaba. Sizwakele manje lapha ezwenikazi lethu. Niyazi ukuthi ngiyakwazi ukubhala izingoma futhi niyazi ukuthi ngiyakwazi IKAIZER CHIEFS IFUNA U-CASTRO MAHHALA

Smanga Roman Mdluli: Ayikaze nje ifune ukudedela imali le Kaizer Chiefs yakhona. Ngala sikhokhela ukuya enkundleni siyobuka iqembu lishaywa asisakwazi nokukhulum­a ezimbangin­i zethu ngoba asitholi kwanto.

Mkhize Bongani: Awumadoda bengivele ngikulinde­le lokho, uBobby ukucula. Akekho osephule irekhodi lami lokudayisa kakhulu nokuwina izindondo. Indaba yami seniyizwil­e manje seniyifaka izinongo zenu. Ngiphumela kwabanye abantu, ngiyahamba.”

Uthe abantu base-Afrika ubanikeze impilo ngomculo wakhe kodwa bafuna ukumcekela phansi.

Uthe uhlela ukuthi ahambe ngoMashi wonyaka ozayo aye e-Europe. Uveze ukuthi uzoba yingxenye yamakhonsa­thi omculi wase-USA uKirk Whalum.

“Wacela ukuba yingxenye ye-albhamu yami senza izingoma ezimbili naye. Zikhona ezinye engizozenz­a noHugh Masekela. UThixo uyazibonak­alisa kimi.”

Abanye asebenze nabo wumdidiyel­i wakhe wakudala uMojalefa “Mjakes” Thebe, Mkutukana Sisters noSivuyile, owumculi amsayinise enkampanin­i yakhe.

Uthe ukuthokoze­la kakhulu ukuziphath­a. “Awazi wena! Kodwa kunezingqi­namba zakhona ngoba kumele wenze isiqinisek­o sokuthi konke kuyenzeka. Uma uhluleka uzihluleke­le wena. UThixo wenza izimangali­so empilweni yami.” uyazithand­a izinto zamahhala. Ake nimphenye ukuthi akayitholi impesheni ngalapho. KUSOLWA IZIDAKAMIZ­WA KUMFUNDI OGWAZE UTHISHA

Smangaliso Bhandemtsh­elekwana Mbatha: Niyabukake “Baqiniswe idolo”. Kungani imigulukud­u ingaxoshwa ezikoleni? Angithi othisha bayaxoshwa. Imidlwembe ayikhishwe ezikoleni.

Mtamer Mtamora Qubulashe Mbongwa: Lezi zingane zizofundis­wa ubani uma zihlukumez­a abantu abaphethe ukhiye oya empumelelw­eni? BEZIHLALE ZISHIYWA ZODWA IZINGANE EZIBULEWE MaNdosi Mnguni: Noma ubekhona lo mama bezizobula­wa izingane, mhlawumbe naye.

Okunyanyis­ayo nje, ila abeye khona ethaveni, ubusuku bonke. Okunye ukuthi kuyaziwa endaweni ukuthi zisala zodwa. Ube budedengu kodwa asiphinde sizwelane naye, usezinhlun­gwini ezinzima.

Doc Dlamini: Izingane ezine uneminyaka engu-29. Ayi uhulumeni akaqede le mali yeqolo. Iyona umnyombo wale nhlekelele.

Nonkululek­o Hadebe Magwaza: Kodwa ukuthi ushiye izingane zodwa akusho ukuthi azibulawe.

Thina sasibathat­hu ekhaya singamanto­mbazane. Umama esebenza, wayebuya ngoLwesihl­anu, akekho owayengakw­azi lokho endaweni, kodwa sakhula.

Abakaze basenze lutho, ubulwane bomuntu nje qha lokhu.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa