Kuxoshwe abe-ANC beyovela kwaMagaqa
KUQUBUKE ingxabano izolo ngaphandle komuzi wakubo kalowo owake waba nguNobhala-jikelele we-ANCYL, uMnuz Sindiso Magaqa oshone ngoMsombuluko, ngesikhathi amalungu e-ANC e-Ibisi eMzimkhulu enqabela abaholi bawo abathile ethi abangangeni kubo kamufi.
Abaholi abanqatshelwe ukuthi bangene kubo kaMagaqa owadutshulwa ngoJulayi yiPhini likaNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Mluleki Ndobe ophinde abe yiMeya eMkhandlwini iHarry Gwala, yiMeya yaseMzimkhulu uMnuz Mphuthumi Mpabanga nemenenja emkhandlwini waseMzimkhulu uMnuz Zweliphansi Sikhosana.
IPhini likaSomlomo esiShayamthetho KwaZulu-Natal, uMnuz Meshack Radebe, ebelikubaholi abebekamufi, lihluleke lancama likhuza amaqabane abevutha.
Amaqabane afike ngetekisi kuthe ehla kuyo agxoba itoyitoyi ngaphandle komuzi wakubo kamufi ephethe izingqwembe ezithi phansi ngabaholi abangababulali.
“Maqabane ngicela silalelane amalungu e-ANC anenhlonipho ayalalela uma ekhuzwa wubuholi hhayi le nto eyenzeka lapha,” kusho uRadebe.
Bekungaqali ukuthi kunqatshelwe abaholi ukuba bazobhonga emswaneni uma kushone elinye iqabane eHarry Gwala njengoba kwenzeka nakuSihlalo wesifunda, uMnuz Zamo Nxumalo noNobhala uNkk Sindi Msomi benqatshelwa ukuthi bayokhalisa umndeni kaMnuz Khaya Thobela owayebulewe. UThobela wayeyiPhini likaNobhala we-ANC eHarry Gwala futhi enguSomlomo eMkhandlwini waseMzimkhulu.
Elinye lamalungu e-ANC abegxoba itoyitoyi elicele ukuthi lingadalulwa ngoba lisaba ukuthi lizokwelekwa ngesoyi lithe uMagaqa wabatshela ukuthi bangalinge babavumele la baholi abathathu ukuthi beze enkonzweni yesikhumbuzo sakhe nasemngcwabeni wakhe uma eseshonile.
“Wasitshela ukuthi la baholi abamfuni ngendlela abamzonda ngayo bacabanga ngisho ukumbulala. Wasitshela le nto ngaphambi kokuba adutshulwe,” kusho ilungu.
Lithe uMagaqa ubulawelwe indaba yehholo lomphakathi eselakhiwe iminyaka emibili lingapheli.
“Ingaphezu kuka-R10 million imali esisebenzile kwakhiwa ihholo. UMagaqa ubeyisicefe ezikhulwini zomkhandlu ebuza ukuthi kuqhubekani ngokwakhiwa kwehholo,” kusho ilungu.
Mane amakhansela e-ANC asebulewe esifundeni iHarry Gwala njengoba isifunda silungiselela ukuba nengqungquthela yokukhetha ubuholi.
Isolezwe lithole ukuthi uMagaqa obeyikhansela eMkhandlwini waseMzimkhulu ubegaqele nesikhundla sokuba yiPhini likaNobhala esifundeni iHarry Gwala.
Ogaqele isikhundla sikamengameli, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, ubesethimbeni labaholi ebelikwaMagaqa izolo. Unxuse amalungu e-ANC ikakhulukazi eHarry Gwala ukuba ayeke ukubulalana.
“Kumele siphele isihlava sokubulalana ngoba sibulala negama lombutho emphakathini,” kusho uDlamini Zuma.
Uthe uMagaqa ubengumholi osemncane kodwa ehlonipha futhi ezehlisile.
USihlalo we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala uthe ukushona kwamaqabane akusabekezeleleki.