Isolezwe

Basola ushevu kushona uMagaqa

- MLUNGISI GUMEDE noBONISWA MOHALE

UMNDENI kalowo owake waba nguNobhala­jikelele we-ANCYL uMnuz Sindiso Magaqa ufuna kuphenywe ngezinsolo ezithi indodana yawo idliswe ushevu okuholele ekutheni ishone yize kade ilulama kahle esibhedlel­a.

Uyise omncane kaMagaqa, uMnuz Vuma Magaqa uthe bayezwa ngezinsolo zokuthi kungenzeka ukuba uSindiso udlisiwe nokuholele ekutheni ashone. “Sifisa kuphenywe ngalezi zinsolo ukuze sithole ukuthi ngabe yini imbangela yokushona kwakhe ngoba ushone sesinethem­ba lokuthi uzophila ngendlela abelulama kahle ngayo.”

Uthe bazolinda nombiko kadokotela okuyiwo ozocacisa ukuthi ubulewe yini ngempela. “USindiso ubelulama kahle. Ubesephumi­le nasegunjin­i labagula kakhulu esesewadin­i elijwayele­kile kodwa wabuye wabuyiselw­a egunjini labagula kakhulu esexinwe yisisu.”

Uthe engeniswa esibhedlel­a kwakukubi. Wayengakwa­zi nokukhulum­a kodwa walulama waze wakwazi ukukhuluma. “Indaba iqale ngoLwesihl­anu lapho umkakhe uNksz Gugu Thobela esifonelil­e wathi uSindiso ukhala ngezinhlun­gu esiswini nokuthi ukudla akusahlali, useyaphala­za.”

Uncome umkamufi ngokuma nomyeni wakhe kwaze kwaba sekugcinen­i. “Le ngane yomuntu ibilokhu isesibhedl­ela kusukela ngosuku lokuqala angeniswa esibhedlel­a undodana elimele njengoba eze washona futhi ikhona.”

Uthe umufi ushiye emhlabeni umkakhe, nezingane ezintathu. Uzofihlwa ngoSephthe­mba 16.

UBrigadier Hangwani Mulaudzi woKlebe, uthe uMagaqa ubengufaka­zi ecaleni lokudutshu­lwa kwamakhase­nsela eMzimkhulu. “Akhona amahlabezi okuthi udliswe ushevu kodwa akukho okubambeka­yo. Silinde ukuhlolwa kwesidumbu okuyikona okuzoveza ukuthi yini eholele ekufeni kwakhe. Okwamanje akufanele siqagele ukuthi ubulawe wushevu noma amanxeba okudutshul­wa, kufanele silinde uphenyo.”

Mayelana nokukhishw­a kwezithomb­e zabasolwa ngokudubul­a amakhansel­a eMzimkhulu okwenzeke ngoJulayi, uMulaudzi uthe kukhona umkhondo abawulande­layo emuva kokulekele­lwa ngamalungu omphakathi.

Ugqugquzel­e abantu ukuthi baqhubeke nokunikeza amaphoyisa imininingw­ane ngokudutsh­ulwa kosopoliti­ki ukuze kuboshwe abasolwa. “Ukushona kukaMagaqa kuzosibuyi­sela emuva futhi sizobheka ukuthi siyakwazi yini ukusebenzi­sa isitatimen­de sakhe njengoba engasekho ukuze sixazulule icala.”

Amazwi endunduzo abengena elakanyana izolo kusukela kwi-EFF, ANC, DA, ANCYL, Cosas, Sasco namanye amaqembu.

 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ?? UMNUZ Vuma Magaqa okhulumela umndeni kaMnuz Sindiswa Magaqa
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU UMNUZ Vuma Magaqa okhulumela umndeni kaMnuz Sindiswa Magaqa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa