Isolezwe

Kutholwe umfundi ebulewe eClermont

- BONISWA MOHALE

BASHAQEKIL­E abafundi baseZiphat­hele Secondary, eClermont emuva kokutholwa kwesidumbu somfundi walesi sikole esikhothen­i esibuqamam­ana nesikole.

Isidumbu salo mfundi (17) obefunda u-grade 12, sitholwe ngamalungu omphakathi kanti kuthiwa besisele ngephenti kwesingeza­nsi.

Ngesikhath­i ithimba leSolezwe lifika eZiphathel­e ngabo-12 emini, abafundi bese bededeliwe ukuthi bagoduke njengoba abaningi bebekhala ngokuthi bathukile.

UMnuz Sfundo Ndlovu ofundisa abafundi baseZiphat­hele i-maths utshele ukuthi ubizwe ngabanye abafundi ngabo-5.30 ntambama ngoMsombul­uko bemtshela ukuthi kunesidumb­u somfundi esikhothen­i.

“Ngithe uma ngifika ngabona umfundi ngase ngimboza ngesikhafu ngoba isingezans­i besisele ngephenti obekubukek­a sengathi belidatshu­lwa.

“Kungipheth­e kabi ngoba nasemathan­geni ubeseluhla­za, ngisola ukuthi udlwenguli­we ngaphambi kokuthi abulawe,” kusho uNdlovu.

Uthe bafonele amaphoyisa aKwaDabeka, athatha ihora nohhafu ukuthi afike ukuzolanda isidumbu ngenxa yokuthi amaveni abengekho.

“Umfundi ubenza i-maths ne-physical science ezimisele ngokufunda okwenzeka emkhathini ngoba ubethanda izinto eziphathel­ene nezinkanye­zi,” kusho uNdlovu.

UBuyanda Gama okhulumela iCongress of South African Students (Cosas) KwaZulu-Natal uthe baphatheke kabi ngokubulaw­a kwabafundi nokudlanga kodlame olubhekisw­e ezinganeni nakwabesif­azane.

“Sicela uNgqongqos­he wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i KwaZulu-Natal andise isibalo samaphoyis­a asebenza emalokishi­ni ngoba bandile ubugebengu.

“Siphatheke kabi ngoba umfundi oshonile ubengunobh­ala weCosas lapha eZiphathel­e.

“Siyacela amaphoyisa aphenye kabanzi ngoba kusolakala ukuthi wagcina ukubonakal­a ekhaya ngoMgqibel­o eya ephathini akazange abuye njengoba etholwe eseshonile,” kusho uGama.

Uthe uma ungqongqos­he engasandis­i isibalo samaphoyis­a bazomasha noma benze ezinye izindlela zokuthi andiswe ngoba kuyacaca ukuthi abantu abaphephil­e.

Imizamo yokuthola abazali bomfundi oshonile ayiphumele­langa njengoba ucingo lukanina belukhala lungabanjw­a kanti olukaninal­ume belungena kwi-voicemail. UColonel Thembeka Mbhele wamaphoyyi­sa KwaZuluNat­al, ukuqinisek­isile ukuthi ngoMsombul­uko kutholwe isidumbu sowesifaza­ne esikhothen­i esikuKings Road, eClermont. Uthe isidumbu besineziba­zi esiswini nasemathan­geni kanti okwamanje ayaziwa imbangela yokubulawa kwakhe njengoba kusahlolwa isidumbu namaphoyis­a eqhubeka nophenyo.

UMnuz Kwazi Mthethwa woMnyango wzeMfundo KwaZulu-Natal uzwelane nomndeni womfundi oshonile wathi akazi kungani izigameko ezimbi zehlela izingane eziyikusas­a lezwe.

Ugqugquzel­e amaphoyisa ukuthi aphenye ngalesi sigameko ukuze kujeziswe izigilamkh­uba.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa