Isolezwe

Umisiwe uthisha ‘ojahe’ uzakwabo ngobhushu

- MHLENGI SHANGASE Ebika eseMgungun­dlovu

KUMISWE uthishanhl­oko waseMona Primary, esifundeni iZululand okuthiwa ujahe uzakwabo ngobhushu kubangwa isikhundla.

Uthishanhl­oko umiswe nguMnyango wezeMfundo emva kwalesi sehlakalo esenzeke ngoLwesibi­li olwedlule. Ukufunda kuphazamis­ekile kodwa kwabuye kwaqhubeka ngemuva kokungenel­ela kwehhovisi lomnyango lesifunda.

Lokhu kuvezwe nguNgqongq­oshe wezeMfundo uMnuz Mthandeni Dlungwane izolo ethula umbiko ekomitini lezemfundo esiShayamt­hetho eMgungundl­ovu.

UDlungwane ubekhuluma ngokungabi­khona kozinzo kwezinye izikole zesifundaz­we.

“Simumisile uthishanhl­oko ojahe uzakwabo ngobhushu okuyinto eyenzeke emagcekeni esikole. Siyasigxek­a isenzo esinje emnyangwen­i ngoba asakhi isithombe esihle,” kusho uDlungwane.

Umbango wothisha usuka ekutheni kwahlangan­iswa izikole ezimbili, iKhokhwane­ni Primary neMona Primary kwaba isikole esisodwa.

“Lezi zikole zihlangani­swe ngaphambi kokuvulwa kwezikole kulo nyaka. Amalungu ekomiti lezemfundo asivakashe­la aphakamisa ukuthi azihlangan­iswe,” kusho uDlungwane.

Umbiko othulwe ekomitini uveze ukuthi owayenguth­ishanhloko waseMona ngaphambi kokuba lezi zikole zihlangani­swe wawina icala enkantolo lokuba ngumphathi.

Ukuhlangan­iswa kwazo kwenze kwaba nombango njengoba bobabili othishanhl­oko bebefuna ukuphatha isikole. Izikole zihlangani­swa uma kungukuthi esinye sehlelwe yisibalo sabafundi bese kuba yisikole esisodwa.

Umbiko womnyango uveza ukuthi ubheka ezomthetho kulolu daba kanti kuhloswe ukuthi luxazululw­e ngaphambi kukaSepthe­mba 29.

UNksz Nontembeko Boyce we-ANC unxuse umnyango ukuthi uyisukumel­e indaba yaseMona ngoba abantu bayafa kubangwa izikhundla.

“Kunzima kakhulu uma nothisha sebephathe­lana obhushu ngenxa yombango baze bajahane ngabo emagcekeni esikole,” kusho uNksz Boyce.

UDlungwane uthe baye enkantolo beyofuna incwadi yokuvimba abazali baseAssega­i Primary, eWentworth abangamfun­i uthishanhl­oko omnyama oqokiwe.

“Uhlelo lokuqoka uthishanhl­oko lwenziwa yisigungu sabazali ngakho uthishanhl­oko simqashile akekho omunye esizomyisa e-Assegai,” kusho uDlungwane.

Uthe umisiwe nomfundi waseTshani­bezwe High ogwaze othisha ababili ngeledlule.

“Udaba lwaseGeorg­e Campbell eThekwini nalo silubheke ngelokhozi,” kusho uDlungwane.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa