Isolezwe

Kushone amalungu amahlanu omndeni kushayisan­a izimoto

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUSHONE amalungu amahlanu omndeni ngesikhath­i imoto abebehamba ngayo i-Toyota Avanza ishayisana nenye ne-Land Rover 4x4 emgwaqweni u-R616 eBergville ngoMsombul­uko ebusuku.

Amalungu omndeni anebhizini­si abengakada­lulwa amagama awo kuthiwa abephuma eBergville eya ngaseMnamb­ithi ngesikhath­i evelelwa yingozi. Abashonile baneminyak­a ephakathi kwengu-30 no-70.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele uthe amaphoyisa aseBergvil­le aphenya amacala okubulala ngokungenh­loso.

Okhulumela abezimo eziphuthum­ayo bakwa-ER24 uMnuz Russel Meiring uthe akukho abebengakw­enza, befike laba abahlanu sebeshonil­e. “Sifice abantu besilisa abathathu nababili besifazane sebeshonil­e bengaphand­le kwemoto. Kwenye imoto bekukhona abantu abathathu. Sibalaphil­e sabe sesibaphut­humisa esibhedlel­a saseMnambi­thi, ” kusho uNksz Meiring.

Khonamanja­lo izolo kushone umfundi oyedwa kwalimala abanye ngesikhath­i ibhasi ebelithwel­e abafundi abangu-48 ligingqika ku-N3 phakathi kwe-Hilton naseMgungu­ndlovu.

Ngesikhath­i kufika abakwa-ER24 bathe abafundi bebezama ukuphuma ngamawindi kuleli bhasi, abanye bese bevele bezulazula ngaphandle kwebhasi.

Kuvalwe umgwaqo ngesikhath­i kusahlolwa laba bafundi. Ababili abafundi bebelimele kakhulu abanye benemihuzu­ko engatheni.

Bonke abafundi baphuthuny­iswe ezibhedlel­a ukuze bathole ukwelashwa okufanele. Amaphoyisa ayaphenya ngembangel­a yengozi.

 ?? Isithombe: ER24 ?? IBHASI ligingqike nabafundi abangu-48 ku-N3 phakathi ne-Hilton naseMgungu­ndlovu izolo ntambama
Isithombe: ER24 IBHASI ligingqike nabafundi abangu-48 ku-N3 phakathi ne-Hilton naseMgungu­ndlovu izolo ntambama

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa