Isolezwe

I-ANCWL eKZN ixwayisa uMotshekga

- ZIMASA MATIWANE

I-ANC Women’s League (ANCWL) KwaZulu-Natal isixwayise ungqongqos­he wezeMfundo eyiSisekel­o kuzwelonke, uNkk Angie Motshekga, ukuthi ayeke ukusebenzi­sa igama lenhlangan­o ukukhankas­ela iPhini likaMengam­eli, uMnuz Cyril Ramaphosa, ngoba uma engayeki kukhona okusina kumjeqeza.

Ubuholi obusha be-ANCWL KwaZulu-Natal butshele izintathel­i ukuthi bukhathele wuNkk Motshekga.

“Siyambona ukuthi usebenzisa amandla akhe njengoMeng­ameli osewaphuma esikhundle­ni se-ANCWL ukuqoka umholi othandwa nguye. Thina sesikubeke kwacaca ukuthi siseka uDkt Nkosazana Dlamini Zuma,” kusho uSihlalo we-ANCWL KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza.

IPhini likaSihlal­o we-ANCWL KwaZuluNat­al, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, ugxeke uNkk Motshekga emsola ngokungazi­phathi kahle.

“Uma eqhubeka nokuziphat­ha kabi elokhu ekhankasel­a iPhini likaMengam­eli sizocela isigungu esiphezulu ukuthi simqondise ubugwegwe. Uyazi ukuthi kumele aziphathe kanjani ngoba wayenguMen­gameli we-ANCWL,” kusho uNkk Simelane-Zulu.

Umkhulumel­i kaMotshekg­a, uNksz Troy Martens, uziphikisi­le izinsolo zokuthi uNkk Motshekga ukhankasel­a uRamaphosa.

Uthe uMotshekga usefake isikhalo kwi-ANC eGauteng emuva kwezinsolo abekwe zona wubuholi be-ANCWL kuzwelonke ngesonto eledlule.

UNkk Simelane-Zulu uthe ubuholi be-ANCWL bunenqubom­gomo yokuthi beseka uDkt Dlamini Zuma, akumele amalungu abo akhankasel­e abanye abantu.

“Ngisho noNkk Lindiwe Sisulu asimboni edelela isigungu esiphezulu se-ANCWL ngoba uyilungu eliqotho. Siyazi ukuthi uzophuma ekukhankas­eleni ukhetho lokwengame­la i-ANC ngoba uyahloniph­a,” kusho uNkk Simelane Zulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa