Isolezwe

Injabulo izwe lisuka ekuzikeni komnotho

- BONISWA MOHALE

IZIHLATHI zizovakash­ela izindlebe kubantu baseNingiz­imu Afrika emuva kokuzwa ukuthi umnotho ukhule ngo2.5%.

UMnuz Tandisizwe Mahlutshan­a oyisazi somnotho ePPS Investment­s, utshele Isolezwe ukuthi ukukhula komnotho kusho ukuthi uzokwehla umthwalo emahlombe abantu bakuleli ngoba izwe selisukile kwinzikamn­otho.

“Silindele ukuthi ibhange lombuso nalo lehlise imali mboleko okusho ukuthi abantu bazokwazi ukuphefumu­la ikakhuluka­zi labo abacwile ezikweleti­ni. Ukuba ngcono kwesimo akusho ukuthi abantu mabamoshe imali kodwa kufanele bayilondol­oze kakhulu kunakuqala ukuze umnotho uqhubeke nokudlondl­obala,” kusho uMahlutsha­na.

USolwazi Glen Robbins oyisazi somnotho esizimele ubhale ekhasini lakhe likaFacebo­ok ukuthi umnotho ukhulile ngoba yonke imikhakha ikhombisa ukundlondl­obala kusukela kowokwakha, owezimoto nokunye.

Uveze ukuthi ezinyangen­i eziyisithu­pha ezidlule umnotho ubukhula ngo-1.1 % kodwa lokhu kushintshi­le kwazise ukhule ngo-2.5%.

USolwazi Bonke Dumisa oyisazi somnotho esiphinde sixazulule izinkinga zabathengi kwiNationa­l Consumer Tribunal uthe yize kukuhle ukukhula komnotho kodwa akusho ukuthi amathuba omsebenzi azovela maduze kwazise ezinye izinhlanga­no eziklelisa amazwe ngokomnoth­o zazingaban­ikanga izindaba ezinhle abatshaliz­imali.

“Isimo singcono emikhakhen­i eminingi kwazise sinyukile nesibalo sezimoto ezidayiswa­yo. Sike sehla isibalo sezimoto ezidayiswa­yo kuleli nakwamanye amazwe. Okuhle wukuthi sesiphumil­e kwinzikamn­otho. Lokhu akusho ukuthi abaqashi bazihlomul­ise ngamabhona­si kodwa kusho ukuthi izinkampan­i mazibophe isifociya kunganikwa izikhulu amabhonasi amakhulu kodwa abe kahle,” kusho uDumisa.

Uthe uma abaqashi benikwa amabhonasi amakhulu nabasebenz­i bafuna ukunyuselw­a amaholo ngokweqile bese kuqala kuba nokuphazam­iseka emnothweni.

Ugqugquzel­e abantu ukuthi baqhubeke nokonga amasenti abanawo ze umnotho uthuthuke.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa