Ucacisa ngeqhaza lamakhosi emphakathini
UKUNGAXHUMANI kahle kwamakhosi namakhansela esikhathi esingaphambili yikho obekwenza ukuthi kungabi khona ukubambisana uma kulethwa izinhlelo zentuthuko emiphakathini.
Lokhu kuvezwe nguSihlalo wendlu yabaholi bendabuko KwaZulu-Natal inkosi uPhathisizwe Chiliza ngesikhathi ekhuluma neSolezwe ngeqhaza lamakhosi kulesi sikhathi sokubusa ngentando yabantu njengoba izindawo eziningi seziphethwe ngamakhansela.
UChiliza uthe iqhaza lamakhosi emphakathini wukugcina ukuthula, ukukhuthaza abantu baziphathe ngendlela engeke ihlukumeze abanye abantu nokuthi basebenzisane nohulumeni ekulethweni kwentuthuko kulezo zindawo aziphethe.
Amakhosi uthe abengafuni ukuthi intuthuko ilethwe ngendlela okungavunyelwananga ngayo okungase kudale uthuthuva emphakathini.
Uthe uyazi ukuthi kunabantu abacabanga ukuthi asisekho isidingo samakhosi njengoba izinto eziningi sezenziwa ngamakhansela.
“Naphambilini amakhosi abesebenzisana namakhansela ukuze kulethwe intuthuko ezindaweni zawo. Osekushintshile yindlela uhulumeni okhona osebenza ngayo ngenxa yokuthi uhulumeni ubusa ngentando yabantu,” kusho inkosi uChiliza.
Uthe umthetho-sisekelo uyakubalula ukuthi amakhosi kumele asebenze kanjani ngaphansi kwalo hulumeni.
“Phambilini zike zaba khona izihibe ezidalwa ukugxambukela kwezinhlaka zombili emisebenzini. Njengamanje akusekho ukungaqondi ngoba amakhosi aseyingxenye yezingxoxo eziba sezingeni lomasipala kusukela ngo-2013,” kusho inkosi.
Ngokomthetho iRestoration of Justice System (RJS), uthe izinkantolo zamakhosi zithetha amacala ombango okungaba ukubangwa kwemingcele, amasimu, nawokuthukana. Uma omangalelwe etholwe enecala, uthola isigwebo sokuthi akhiphe inhlawulo.
Inhlawulo nayo uthe ilawulwa umthetho olawula amakhosi inkosi ayiziklameli ngokubona kwayo.
“Lo mthetho awusivumeli ukuthi sithethe amacala athinta igazi nokudlwengula ngoba kulawo macala kudingeka ukuthi kwenziwe ukuhlolwa okuthile okudinga ubuchwepheshe bamaphoyisa,” kusho inkosi uChiliza.
Uthe kuyenzeka ukuthi amanye amacala aqale enkantolo yezomthetho, inkantolo iwadlulisele enkantolo yenkosi uma kubonakala ukuthi adinga ukuxazululwa yinkosi.
Imali eqoqwa esizweni uthe igcinwa esikhwameni esivulwa umnyango wezokuBusa ngokuBambisana.
“Kuye kuthi uma isizwe sizoba nomgidi siye emnyangweni siyokhipha isamba esithile umkhandlu ovumelene ngaso.
“Alikho icala uma umkhandlu uthe uma ubala izindleko zalowo mgidi wabona ukuthi kumele induna ngayinye iqoqe imali ethize esigodini sayo.
“Uma kukhona umuzi ongenamandla okukhokha imali kuyavunyelwana ngokuthi uzonikela kanjani, okungaba ukuyosebenza komkhulu,” kusho inkosi uChiliza.