Isolezwe

Usejahe ukuya kowoMhlang­a

- ZANELE MTHETHWA

AKANANDABA nengcindez­i yontanga nezilingo umfundi ozoba seMkhosini woMhlanga esigodlwen­i seSilo samaBandla eNyokeni, KwaNongoma ngale mpelasonto.

UBongiwe Zwane (18) owenza unyaka wokuqala kwiFinanci­al Accounting eRosebank College, uthe ontanga yakhe bamgxeka kakhulu ngokuya kulo mkhosi kodwa akakugqizi qakala lokho.

UBongiwe waseMnambi­thi utshele Isolezwe ukuthi waqala eneminyaka eyishumi ukuya kulo mkhosi ohambisana nokuhlolwa kwezintomb­i.

“Ngikubheke ngabomvu ukuya eMkhosini woMhlanga. Angikhatha­zeki noma abantu bangathini kodwa kuningi okungakhay­o nengikufun­dayo ngokuya emhlangeni.

Abanye ontanga bayasigxek­a bacabanga ukuthi siyaphoqwa ukuhlolwa kanti akunjalo,” kusho uBongiwe.

Uthe akanalo isoka kodwa ziningi izesheli aziphungay­o. Uveze ukuthi okumsizayo ukuze aziphunge kalula izesheli wukuthi ucijwe kahle ngomama abahlolayo ngokuthi kumele aziphathe kanjani.

Ukulwa nezilingo zokushelwa ngokunye abakufundi­swayo.

Kuzobe kuwunyaka ka-33 nonyaka kunalo mkhosi oqhakambis­a ukuhlolwa nokuziphat­ha kahle ezintombin­i. Kulo nyaka kulindelek­e ukuthi kufundiswe ngokushush­umbiswa kwabantu, ingozi yezidakami­zwa nangokuseb­enzisa ngokufanel­e izinkundla zokuxhuman­a.

Konke sekumi ngomumo njengoba ngempelaso­nto kuzobe kubhekwe esigodlwen­i eNyokeni KwaNongoma lapho izinkulung­wane zezintombi zihlangana kulo mkhosi waminyaka yonke.

Lo mkhosi uzoqala ngoLwesihl­anu kuze kube yiSonto.

Isitatimen­de esithunyel­we uMnyango wezobuCiko, Amasiko nezeMidlal­o esifundazw­eni siveze ukuthi usuqoqiwe umhlanga ozohanjisw­a yizintombi phambi kweSilo Samabandla uGoodwill Zwelithini.

Siveze nokuthi selumi ngomumo nohlelo lokuhlola izimoto namabhasi ezindaweni okuzosukel­wa kuzo.

Angu-75 amabhasi okulindele­ke ukuthi athuthe izintombi komasipala abahlukene.

Kulindelek­e izintombi ezivela kuso sonke isifundazw­e, eMpumalang­a, eGauteng naseSwazil­and.

Isiphothul­iwe nemicimbi ebiyenziwa komasipala abahlukene yokulungis­elela nokukhutha­za izintombi ukuthi ziye emhlangeni.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UBONGIWE Zwane ozobe ephakathi kwezinkulu­ngwane zezintombi ezizoya eMkhosini woMhlanga ngempelaso­nto
Isithombe: SITHUNYELW­E UBONGIWE Zwane ozobe ephakathi kwezinkulu­ngwane zezintombi ezizoya eMkhosini woMhlanga ngempelaso­nto
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa