Usejahe ukuya kowoMhlanga
AKANANDABA nengcindezi yontanga nezilingo umfundi ozoba seMkhosini woMhlanga esigodlweni seSilo samaBandla eNyokeni, KwaNongoma ngale mpelasonto.
UBongiwe Zwane (18) owenza unyaka wokuqala kwiFinancial Accounting eRosebank College, uthe ontanga yakhe bamgxeka kakhulu ngokuya kulo mkhosi kodwa akakugqizi qakala lokho.
UBongiwe waseMnambithi utshele Isolezwe ukuthi waqala eneminyaka eyishumi ukuya kulo mkhosi ohambisana nokuhlolwa kwezintombi.
“Ngikubheke ngabomvu ukuya eMkhosini woMhlanga. Angikhathazeki noma abantu bangathini kodwa kuningi okungakhayo nengikufundayo ngokuya emhlangeni.
Abanye ontanga bayasigxeka bacabanga ukuthi siyaphoqwa ukuhlolwa kanti akunjalo,” kusho uBongiwe.
Uthe akanalo isoka kodwa ziningi izesheli aziphungayo. Uveze ukuthi okumsizayo ukuze aziphunge kalula izesheli wukuthi ucijwe kahle ngomama abahlolayo ngokuthi kumele aziphathe kanjani.
Ukulwa nezilingo zokushelwa ngokunye abakufundiswayo.
Kuzobe kuwunyaka ka-33 nonyaka kunalo mkhosi oqhakambisa ukuhlolwa nokuziphatha kahle ezintombini. Kulo nyaka kulindeleke ukuthi kufundiswe ngokushushumbiswa kwabantu, ingozi yezidakamizwa nangokusebenzisa ngokufanele izinkundla zokuxhumana.
Konke sekumi ngomumo njengoba ngempelasonto kuzobe kubhekwe esigodlweni eNyokeni KwaNongoma lapho izinkulungwane zezintombi zihlangana kulo mkhosi waminyaka yonke.
Lo mkhosi uzoqala ngoLwesihlanu kuze kube yiSonto.
Isitatimende esithunyelwe uMnyango wezobuCiko, Amasiko nezeMidlalo esifundazweni siveze ukuthi usuqoqiwe umhlanga ozohanjiswa yizintombi phambi kweSilo Samabandla uGoodwill Zwelithini.
Siveze nokuthi selumi ngomumo nohlelo lokuhlola izimoto namabhasi ezindaweni okuzosukelwa kuzo.
Angu-75 amabhasi okulindeleke ukuthi athuthe izintombi komasipala abahlukene.
Kulindeleke izintombi ezivela kuso sonke isifundazwe, eMpumalanga, eGauteng naseSwaziland.
Isiphothuliwe nemicimbi ebiyenziwa komasipala abahlukene yokulungiselela nokukhuthaza izintombi ukuthi ziye emhlangeni.