Uhlaba uhlelo lwezolimo oluvalela abaswele
LUHLOMULISA ingcosana uhlelo lwezolimo oludinga ukuthi ube nohhafu wemali ozoyisebenzisela ukukhiqiza ngaphambi kokuthi uthole uxhaso kuhulumeni.
Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe wezoLimo KwaZulu-Natal, uMnuz Themba Mthembu, ngesikhathi evakashele epulazini lezingulube eliseMadundube, eMbumbulu, izolo.
UMthembu uthe uhlelo lomnyango olwaziwa nge-50/50 olwasungulwa ngo-2014 luvalela abaswele kodwa abathanda ukulima.
“Ngokubona kwami lolu hlelo luvalela abangenayo imali okuyibona abadinga kakhulu usizo lomnyango. Kusamele silungise imithetho ekhona icheme nabampofu ukuze kushintshe isimo esibhekene naso sokuthi kube nabantu abalala bengadlile,” kusho uMthembu.
UMnuz Sandile Mthethwa wabaPhumeleli Pigery uthe wathola uxhaso lomnyango ngemuva kokuthi esekhombisile ukuthi angakwazi ukusebenza.
Kuleli pulazi ufuye izingulube ezingu-50 zensikazi nezinkunzi ezimbili. Njalo ngenyanga udayisa izingulube ezisezincane zokwenza ubhekeni ezingu-80.
“Inkinga esibhekene nayo singabalimi wukuthi umkhakha wezolimo usenganyelwe wuhlanga oluthile oluthenga umkhiqizo wethu. Uma ufika nezingulube zakho umthengi nguye okutshelayo ukuthi ikhilo ngalelo langa liyimalini. Akanandaba nokuthi uzoyithola inzuzo noma cha. Awukwazi ukungavumelani naye ngoba awunayo enye indawo ongahambisa kuyo umkhiqizo wakho,” kusho uMthethwa.
Uthe lokhu kuholela ekutheni abalimi abasathuthuka bahlale besesigabeni esisodwa ngoba nokudla kwemfuyo kuthengwa kubo abezinhlanga.
“U-80% wemali osuke uyithole ngokudayisa ubuyela kubo futhi abohlanga oluthile abadayisa ukudla kwemfuyo. Okubuhlungu wukuthi ubhekeni neminye imikhiqizo yenyama yengulube ezitolo kuyabiza. Okusho ukuthi abantu abathola inzuzo ngabantu okungebona abalimi,” kusho uMthethwa.
UMthembu uthe umnyango ngokubambisana neDenmark usohlelweni lokuvula isikhungo esizofundisa ngokufuywa kwezingulube.
“Kuningi esikufunde khona ngokufuywa kwezingulube. Leli gebe elikhona kubalimi bakithi lizophela uma sebefunde kulesi sikhungo,” kusho yena.