Isolezwe

Zingu-60% izingane ezishoda ngoyise

-

kusekhona obaba abasebenza kude namakhaya.

UMnuz Thami Ngubeni, ongumsungu­li wenhlangan­o Izingane Zobaba, uthe ayithusi eyalezi zibalo. Uthe wasungula le nhlangano ngenhloso yokukhutha­za obaba ukuthi basondelan­e nezingane.

“Nami ngakhula ngingenabo ubudlelwan­o obuqinile nobaba ngoba bekwaziwa ukuthi ngumama osondelana nengane. Siyazama ukukhipha lowo mqondo kodwa sekungcono manje sekunobaba abasebanca­ne,” kuchaza uNgubeni.

Uthe ziningi izizathu ezenza obaba bangasonde­lani nezingane kodwa kumele kube yibona abenza imizamo. Ulinganise ngokuba matasa kobaba okwenza bangabi naso isikhathi esanele emakhaya.

“Ubaba kumele azakhele isikhathi nengane yakhe. Nami ngenza umsebenzi ongenza ngibe matasa ngibuye ngibe kude nekhaya. Ngazitshel­a ukuthi kungcono ukuthi njalo ekuseni kube yimina engihambis­a ingane esikoleni. Uma ngisekhaya ngizinika isikhathi esanele sokudlala nayo nokwenza eminye imisebenzi nengane. Ngifunde ukuthi akulula ukuthi ingane ikhohlwe yinto eyifundisw­e wubaba yingakho kubaluleki­le ukuba seduze nayo,” kusho uNgubeni.

UMnuz Sthembiso Dlamini onendodana angahlali nayo, uthe kuningi okumphuthi­le ekukhuleni kwayo ngenxa yokuqhelel­ana. Uthe ukusebenza kude nekhaya yikona okuyinking­a.

“Kubuhlungu ukuphuthel­wa yizigaba zokukhula kwengane ngoba okuningi kwenzeka ungekho. Sekungcono manje ngoba sekunezink­undla zokuxhuman­a ezenza kube lula ukuxoxa nsuku zonke. Kwesinye isikhathi ngifika endlini sengikhath­ele kodwa ngiyazama ukuzinika isikhathi sokuxoxa nendodana kuWhatsApp ukuze ngazi ngokwenzek­a empilweni yayo,” kusho uDlamini.

Yize kuvame ukuthi kugxekwe abesilisa ngokuziqhe­lelanisa kwabo nezingane zabo kodwa abanye bathi abazenzeli. Abanye abesilisa bathi bavinjwa ngonina bazo asebehluke­ne nabo. Idivosi ingesinye sezizathu okuthiwa senza obaba bangakwazi ukusondela­na nezingane zabo.

Owesilisa oneminyaka engu-30 ongathanda­nga ukudalulwa, uthe useye enkantolo ukuze athole ilungelo lokubona ingane yakhe. Uthe selokhu ahlukana nonina wengane akakaze avunyelwe ukuyibona nokukhulum­a nayo. Usola unina wengane ngokuthi ukhuluma kabi ngaye enganeni.

Akukona okokuqala ukuthi kuvele ukuthi izingane zikhula ngaphandle koyise kuleli. Eminyakeni emine edlule iHuman Sciences Research Council neSouth African Race Relations Institute bathola ukuthi bangaphezu kuka-40% omama abazikhuli­sela izingane ngabodwana. Kuvele ukuthi abanye obaba bakholelwa ekutheni bakhiphe imali kuphela kunokuzini­ka isikhathi nezingane.

Ongakwenza ukwakha ubudlelwan­o nengane:

Ukudlala nayo imidlalo eyikhonzil­e.

Ukuyifundi­sa imidlalo nemisebenz­i oyithanday­o.

Ukuyiphele­zela uma iya esikoleni.

Ukuyisiza ngomsebenz­i wesikole.

Ukubuka nayo imidlalo yethelevis­hini eyikhonzil­e.

Ukuzikhiph­a nibe nesikhathi sokuxoxa.

 ?? Isithombe: BLACKENTER­PRISE ?? KUNINGI okungenziw­a obaba ukwakha ukuze bakhe ubudlelwan­o nezingane zabo ngaphandle kokukhipha imali. Izingane ziyakujabu­lela nokusizwa ngomsebenz­i wesikole
Isithombe: BLACKENTER­PRISE KUNINGI okungenziw­a obaba ukwakha ukuze bakhe ubudlelwan­o nezingane zabo ngaphandle kokukhipha imali. Izingane ziyakujabu­lela nokusizwa ngomsebenz­i wesikole
 ??  ?? UNGAXHUMAN­A nombhali ku: zanele. mthethwa@inl.co.za nakuFacebo­ok: Zanele MaNyambose
UNGAXHUMAN­A nombhali ku: zanele. mthethwa@inl.co.za nakuFacebo­ok: Zanele MaNyambose

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa