Isolezwe

Amasu okwenza ingubo endala ibukeke iyintsha

- ZANELE MTHETHWA

AKULONA ihlazo ukuphinda ingubo eyodwa emcimbini kodwa kudingeka uyihlakani­phele indlela oyigqoka ngayo.

Lokhu kushiwo ngumsiki wengqephu uMamsie Mkhwanazi we-Afroliciou­s Designs. Ubephawula ngengcinde­zi kosaziwayo okudingeka bagqoke izingubo ezintsha njalo uma kunemicimb­i. Muva nje ube sematheni unkosikazi kaDJ Black Coffee u-Enhle Mbali Maphumulo oqhamuke kuMzansi Magic Viewers Choice Awards nengubo eyaziwayo.

U-Enhle ongumlingi­si akakufihla­nga ukuthi le ngubo emhlophe ubengaqali ukuyigqoka. Ubonakale ngayo eseyokwamu­kela indondo yomyeni wakhe. Ukuphinda kwakhe ingubo kukhulunyw­e ngakho nasezinkun­dleni zokuxhuman­a.

Akuyena kuphela obegqoke ingubo endala kulo mcimbi kodwa nomsakazi uKuli Roberts obegqoke ingubo yesikhumba emnyama. Uthe sekunesikh­athi eside ayigcina le ngubo ngoba ibingasaml­ingani.

Kwesinye isikhathi akukona ukuphinda ingubo okuba yindaba kosaziwayo kodwa nokufanise­lana. Ukufakwa kwezithomb­e ezinkundle­ni zokuxhuman­a kwenza kube lula ukuthi nabalandel­i bazazi izingubo zosaziwayo, ababuye baziqhatha­nise nezabanye kweminye imicimbi. Kwenzeka kanjalo ku-Advocate Thuli Madonsela owayegqoke ingubo ephuzi kuvulwa iPhalamend­e, efana nekaBonang Matheba ayeyigqoke kwiVodacom Durban July.

UMamsie uthi yizinkundl­a zokuxhuman­a ezifake kakhulu ingcindezi, ikakhuluka­zi kosaziwayo besifazane.

“Abantu bacabanga ukuthi osaziwayo banemali eningi, yingakho bebona kuyihlazo uma bephinda izingubo. Ngisho umuntu ebesathand­a ukuyiphind­a ingubo usaba ukuthi abantu bazokhulum­a. Osaziwayo baze bacele abasiki bengqephu ukuthi bababoleke izingubo, ukugwema ingcindezi yokuthenga njalo,” kusho uMamsie othe ikhona indlela yokwenza ingubo endala ibukeke iyintsha.

Ukhuthaza ukuthi uma uthenga kube wumbala ozokwazi ukuwumeshe­la neminye eminingi. Ulinganise ngengubo ephuzi athe ungayigqok­a kaningi kodwa ushintshe amacici nezicathul­o. Ungabuye uyigqoke nebhande elingomuny­e umbala.

Uveza ukuthi nakwabesil­isa isikhona ingcindezi kodwa kungcono kubo ngoba iyagqokeka isudi eyodwa bese ushintsha amashethi nothayi.

UThula Zaca ongumsungu­li we-Image Collezion, onesitolo sezingubo, ungomunye wabesilisa othi akaziphind­i izingubo zokugqoka. Watshela Isolezwe ukuthi akayiphind­i impahla esibonwe abalandeli bakhe ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? INGUBO kaBonang Matheba ayeyigqoke emcimbini wokwethula iVodacom Durban July, u-Advocate Thuli Madonsela wabuye wagqoka efana nayo
Isithombe: SIGCINIWE INGUBO kaBonang Matheba ayeyigqoke emcimbini wokwethula iVodacom Durban July, u-Advocate Thuli Madonsela wabuye wagqoka efana nayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa