Umphakathi awulekelele kubanjwe ababulali
ISENZO sokubulawa kwezelemani ezine zakwaMbhele ePort Edward, eziphakathi kweminyaka emine nengu-12 sinyatisa igazi. Ukuthi yini le nzondo engaka umuntu noma abantu abayenzile le nto abanayo ukuthi bangaze benze isihluku esingaka ezinganeni yinto engaqondakali.
Empeleni, akusoze kwaba khona isizathu esizwakalayo sokubulala umuntu, ingasaphathwake eyokuthi lezi yizingane okungangatshazwa ukuthi bezingeke zikwazi ukuzivikela kulesi singcoli esenze lokhu.
Lezi zingane zibulewe zisele zodwa ekhaya njengoba abanye omakhelwane bethi ikhona ingane efikile izobika ithi kukhona umalume obabopha ngentambo.
Unina wezingane uzivumele ukuthi ubevamile ukuzishiya zodwa izingane aye kophuza. Kuyacaca ukuthi ungumuntu obengakufanele ukuba ngumzali kodwa noma kunjalo akekho umuntu okumnika ilungelo lokuthi enze umathanda ngezingane futhi ngesihluku esingaka njengoba zisikwe nezindlebe.
Lesi senzo siwubufakazi bokuthi izinto zonakele kangakanani ezweni lethu, kuyacaca ukuthi imiphefumulo yabantu ifile, abantu bayizidumbu bephila. Ukubulawa kwabantu sekuyinto eyenzeka kalula kungabi ndabazalutho. Ngeledlule sibike ngodaba lwendoda okuthiwa ibulale uyise yayozilalela kungathi akwenzekanga lutho, amaphoyisa ayifice isahuqa ubuthongo. Ezokubulawa nokubulalana kwabathandanayo sikubika mihla namalanga. Kumanje kunecala lamadoda atholwa nekhanda ayelishumpulile. Kunelinye labantu okukhona phakathi kwabo abebezibiza ngezinyanga abasolwa ngokudla izicubu zabantu.
Ezikoleni kunodlame, izingane kwazona zidiniwe, ziyagwazana, ziyabulalana futhi zize zihlasele othisha. Kunobulwane nje obuhlasele ezweni futhi kudinga siyisukumele eyokuthola umnyombo wabo ngale kwalokho sisazobona izimanga ezingaphezu kwalezi.
Siyacela umphakathi ulekelele ekutheni agcine ebanjiwe lowo obulale izingane zakwaMbhele ngoba vele isikhathi esiningi laba bantu basuke baziwa emphakathini. Ukuqhubeka kwakhe ukuba yingxenye yomphakathi kusho ukuthi ziningi ezinye izingane ezisengozini.