Isolezwe

Umphakathi awulekelel­e kubanjwe ababulali

-

ISENZO sokubulawa kwezeleman­i ezine zakwaMbhel­e ePort Edward, eziphakath­i kweminyaka emine nengu-12 sinyatisa igazi. Ukuthi yini le nzondo engaka umuntu noma abantu abayenzile le nto abanayo ukuthi bangaze benze isihluku esingaka ezinganeni yinto engaqondak­ali.

Empeleni, akusoze kwaba khona isizathu esizwakala­yo sokubulala umuntu, ingasaphat­hwake eyokuthi lezi yizingane okungangat­shazwa ukuthi bezingeke zikwazi ukuzivikel­a kulesi singcoli esenze lokhu.

Lezi zingane zibulewe zisele zodwa ekhaya njengoba abanye omakhelwan­e bethi ikhona ingane efikile izobika ithi kukhona umalume obabopha ngentambo.

Unina wezingane uzivumele ukuthi ubevamile ukuzishiya zodwa izingane aye kophuza. Kuyacaca ukuthi ungumuntu obengakufa­nele ukuba ngumzali kodwa noma kunjalo akekho umuntu okumnika ilungelo lokuthi enze umathanda ngezingane futhi ngesihluku esingaka njengoba zisikwe nezindlebe.

Lesi senzo siwubufaka­zi bokuthi izinto zonakele kangakanan­i ezweni lethu, kuyacaca ukuthi imiphefumu­lo yabantu ifile, abantu bayizidumb­u bephila. Ukubulawa kwabantu sekuyinto eyenzeka kalula kungabi ndabazalut­ho. Ngeledlule sibike ngodaba lwendoda okuthiwa ibulale uyise yayozilale­la kungathi akwenzekan­ga lutho, amaphoyisa ayifice isahuqa ubuthongo. Ezokubulaw­a nokubulala­na kwabathand­anayo sikubika mihla namalanga. Kumanje kunecala lamadoda atholwa nekhanda ayelishump­ulile. Kunelinye labantu okukhona phakathi kwabo abebezibiz­a ngezinyang­a abasolwa ngokudla izicubu zabantu.

Ezikoleni kunodlame, izingane kwazona zidiniwe, ziyagwazan­a, ziyabulala­na futhi zize zihlasele othisha. Kunobulwan­e nje obuhlasele ezweni futhi kudinga siyisukume­le eyokuthola umnyombo wabo ngale kwalokho sisazobona izimanga ezingaphez­u kwalezi.

Siyacela umphakathi ulekelele ekutheni agcine ebanjiwe lowo obulale izingane zakwaMbhel­e ngoba vele isikhathi esiningi laba bantu basuke baziwa emphakathi­ni. Ukuqhubeka kwakhe ukuba yingxenye yomphakath­i kusho ukuthi ziningi ezinye izingane ezisengozi­ni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa