Isexwayiso ngamaqola ‘omlingo’ eThekwini
MHLELI: Ngicela ungiphe isikhala kwiSolezwe eliwela umfula ugcwele. Yisixwayiso lesi esibhekiswe kubantu bakithi abazixakekele.
Kunobugebengu obudla lubi enkabeni yeTheku, ngokubuka kwami kusazoxhaphazeka abantu abaningi. Kunalaba bantu abathi banesalamuzi, ofika bengungiwe ngabantu abadlula ngendlela.
Ngithe ngihamba ngezinyawo ngipake kujana ekhoneni likaRussell noWest Street eduze nothango lwasemathuneni ngazithela equlwini labantu abangungile. Yimi loya ngithi ake ngiyibuke le nto eyahlala ibukwa. Ngiyafika kwenekwe izikhwama ezingcolile, wonodoli, amathambo, izibhalala ezingcolile. Kunensizwa emnyama suce lapho isijuluke imanzi ilokhu ithi kunento kwelinye lamabhokisi ayo. Baphike abafike kuqala. Okwangicacela ukuthi la kudlalwa ngengqondo yabantu . Kodwa-ke emva kwesikhashana le nsizwa icele oR10 ababili - laba engifike bemile bayinika. Ubadabulile wasinika sonke, wathi asifake izicucu zoR10 emakhukhwini ethu angenalutho. Safaka. Uthe esuka wabe ethi onemali makayibeke esifubeni, ayikhiphe esikhwameni, ongenayo ahlanganise izandla sakuzishuka.
Uthe esuka wathi kwabangenamali, abahambe emuva kwemizuzu eyishumi, bazofica imali la bebefake khona izicucu zoR10. Kwabe sekusala thina esinemali, asinike imvilophu athi asifake imali yethu khona. Ngesikhathi eyithatha kumuntu ngamunye bekungathi kunomlingo awenzayo. Emuva kwalokho ube esegoqa imvilophu ebinemali ngephepha, akubuyisele besethi, hamba uye esitolo esiseduze ufike uthinte ubisi ngesandla sokudla. Bese uphuma ungayithintanga eyakho imali. Emva kwemizuzu eyishumi uzothola izishaqane zemali lapho bewufake khona izicucu zoR10.
Yithi labo sihamba siyothinta ubisi esitolo, umuntu uzihambela yedwa ngokomyalelo wakhe. Emva kwakho konke ngiyabheka kwimvilophi ebengifake kuyo uR250 awukho, nezishaqane azikho.
Yimi lowo sengigijima ngithi sengiyokulwa naye, ngiyafika sekukhala ibhungane. Uma ngiqalaza ngibone izinsizwa ebesinazo, zikhala zona zibala oR1000 noR800, abanyamalale nensizwa yomlingo. Nami ngasindiswa ukungayiphathi imali esile.
Xwayani bantu bakithi ayikho into yomlingo, imali iyasetshenzwa. Nyawuza ka Dakhile ETHEKWINI