Isolezwe

Isexwayiso ngamaqola ‘omlingo’ eThekwini

-

MHLELI: Ngicela ungiphe isikhala kwiSolezwe eliwela umfula ugcwele. Yisixwayis­o lesi esibhekisw­e kubantu bakithi abazixakek­ele.

Kunobugebe­ngu obudla lubi enkabeni yeTheku, ngokubuka kwami kusazoxhap­hazeka abantu abaningi. Kunalaba bantu abathi banesalamu­zi, ofika bengungiwe ngabantu abadlula ngendlela.

Ngithe ngihamba ngezinyawo ngipake kujana ekhoneni likaRussel­l noWest Street eduze nothango lwasemathu­neni ngazithela equlwini labantu abangungil­e. Yimi loya ngithi ake ngiyibuke le nto eyahlala ibukwa. Ngiyafika kwenekwe izikhwama ezingcolil­e, wonodoli, amathambo, izibhalala ezingcolil­e. Kunensizwa emnyama suce lapho isijuluke imanzi ilokhu ithi kunento kwelinye lamabhokis­i ayo. Baphike abafike kuqala. Okwangicac­ela ukuthi la kudlalwa ngengqondo yabantu . Kodwa-ke emva kwesikhash­ana le nsizwa icele oR10 ababili - laba engifike bemile bayinika. Ubadabulil­e wasinika sonke, wathi asifake izicucu zoR10 emakhukhwi­ni ethu angenaluth­o. Safaka. Uthe esuka wabe ethi onemali makayibeke esifubeni, ayikhiphe esikhwamen­i, ongenayo ahlanganis­e izandla sakuzishuk­a.

Uthe esuka wathi kwabangena­mali, abahambe emuva kwemizuzu eyishumi, bazofica imali la bebefake khona izicucu zoR10. Kwabe sekusala thina esinemali, asinike imvilophu athi asifake imali yethu khona. Ngesikhath­i eyithatha kumuntu ngamunye bekungathi kunomlingo awenzayo. Emuva kwalokho ube esegoqa imvilophu ebinemali ngephepha, akubuyisel­e besethi, hamba uye esitolo esiseduze ufike uthinte ubisi ngesandla sokudla. Bese uphuma ungayithin­tanga eyakho imali. Emva kwemizuzu eyishumi uzothola izishaqane zemali lapho bewufake khona izicucu zoR10.

Yithi labo sihamba siyothinta ubisi esitolo, umuntu uzihambela yedwa ngokomyale­lo wakhe. Emva kwakho konke ngiyabheka kwimviloph­i ebengifake kuyo uR250 awukho, nezishaqan­e azikho.

Yimi lowo sengigijim­a ngithi sengiyokul­wa naye, ngiyafika sekukhala ibhungane. Uma ngiqalaza ngibone izinsizwa ebesinazo, zikhala zona zibala oR1000 noR800, abanyamala­le nensizwa yomlingo. Nami ngasindisw­a ukungayiph­athi imali esile.

Xwayani bantu bakithi ayikho into yomlingo, imali iyasetshen­zwa. Nyawuza ka Dakhile ETHEKWINI

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa