Ubesesibhedlela uMdunge ozinikele ejele
UGCINE ezinikele ejele laseWestville, eThekwini, owayengumkhumeli wamaphoyisa uVincent Mdunge okuthiwa uzinikele kuleli jele emasontweni amabili edlule.
UMdunge walahlwa yicala lokukhwabanisa ngemuva kokutholakala kokuthi wayengenaso isitifiketi sikamatric. Wagwetshwa iminyaka emihlanu edonsa ejele kodwa lesi sinqumo wasidlulisela enkantolo eNkulu eMgungundlovu.
Le nkantolo yasichitha isicelo sikaMdunge ngoFebhuwari nonyaka, sokuthi kubuyekezwe isinqumo sokumgweba ngeminyaka emihlanu.
UMdunge bekufanela azinikele ejele ezinyangeni ezedlule ngemuva kokuthi kuchithwe isicelo sakhe kodwa kwangenzeka.
Uma engazinikeli kwakumele adlulisele icala phambili eNkantolo yoMthetho-sisekelo, nalokho akuzange kwenzeke.
Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo KwaZulu-Natal uMnuz Thulani Mdluli ukuqinisekisile ukuthi uMdunge uzinikele ejele emasontweni amabili edlule.
Isolezwe lithole ukuthi uMdunge ubonakale kuleli sonto esibhedlela eKing Edward efakwe amaketango ezinyaweni.
Esitatimendeni esithunyelwe nguMdluli uveze ukuthi ukugcinwa kukaMdunge esikhungweni sabo kuhambisana nemigomo, phakathi kwezinye izinto ethinta ukuthi noma yisiphi isiboshwa singathunyelwa esikhungweni sezempilo esingaphandle kwejele uma sidinga usizo lwezempilo futhi uma kwenzeka lokhu kumele sifakwe ozankosi sigadwe.
Isolezwe lihabule ukuthi uMdunge wakuveza ezinikela ejele ukuthi kukhona ukungaphatheki kahle empilweni wabe esenikwa usizo lwezempilo ngaphakathi kodwa kwadingeka ukuthi abuye ayiswe esikhungweni sezempilo esingaphandle kwejele.
Ngesikhathi ethintwa yiSolezwe owayemele uMdunge, uMnuz Yusuf Omar ngalolu daba, uthe kukhona amatasa ngakho ucela ukuthintwa namuhla. IKHASI ELIKHOKHELWE