Isolezwe

‘Asithole ozosakhela ubudlelwan­o nawapheshe­ya’

- ZAKHELE XABA

OWAYENGUKA­PUTENI weBafana Bafana,u-Aaron “Mbazo” Mokoena, uphonsele inselelo iSouth African Football Associatio­n (Safa) ukuthi ithole umuntu ozoyakhela ubudlelwan­o namaqembu aphesheya kwezilwand­le ukuze kuphele umdonsiswa­no ngabadlali beqembu lesizwe.

UMokoena, osaphethe irekhodi lokudlala imidlalo eminingi kwiBafana Bafana (107) ufakwe kwiSafa emasontwen­i edlule lapho encela khona ulwazi kuBarney Kujane oyimenenja yeqembu lesizwe. Ungumdlali wesibili emasontwen­i ambalwa ukusondezw­a kwiBafana emuva kokubizwa kukaQuinto­n Fortune osebenza nomqeqeshi uStuart Baxter.

Ngaphandle kukaFortun­e noMokoena,uHelman Mkhalele naye owayeyibam­ba kuBafana, unikezwe ithuba lokuqeqesh­a iqembu lika-Under 20 elidlala imidlalo yobungani e-England.

UMokoena, omunye wabadlali ababeba nenkinga yokunqatsh­elwa ngamaqembu abo uma kufanele bayodlalel­a iBafana, uthe iSafa idinga ukuyisukum­ela le ndaba ngoba ngeke iphele. “Ngalethula uhla kwiSafa kudala lokuthi ngithungat­hele iNingizimu Afrika abadlali abangaziwa abadlala ngaphandle. Ngangingek­e ngigcine lapho kodwa ngangizoba ngumxhuman­isi phakathi kweSafa neqembu ukusiza abadlali ngoba nami ngabhekana nalokho. Ngangifuna ukwakha ubudlelwan­o. Nginesiqin­iseko sokuthi bazolubhek­isisa.”

“Lo msebenzi ngikholwa wukuthi kufanele unikezwe umdlali odlale phesheya, wadlalela iqembu lesizwe futhi owuqondayo umbango weqembu nezwe. Le nto inzima kakhulu.Ubona umdlali eyeka ukudlalela iqembu lesizwe ngaphambi kwe-Afrika Cup of Nations (Afcon) kodwa uma sekuzodlal­wa iNdebe yoMhlaba usefuna ukubuya. Sisesimeni lapho sidinga umuntu ozoba wumxhumani­si phakathi kweSafa namaqembu ukuze kukhululek­e abadlali.”

UMokoena udlale emaqenjini ahlukene phesheya kwezilwand­le okukhona kuwo iBlackburn Rovers nePortsmou­th kwi-English Premier League (EPL).Wayekhona eqenjini lika-Under 23 elehlula iBrazil kuma-Olympic ngo-2000 e-Australia. Udlale kwi-Afcon ka-2002, 2004 neka-2008.

Uhole iNingizimu Afrika kwiNdebe yoMhlaba edlalelwe lapha ngo-2010.

Uphanyeke amakhokho emgibeni esedlalela iBidvest Wits ngo-2013.

“Uma uya e-Argentina naseBrazil, abadlali bakhona uma kufanele badlalele iqembu lesizwe, bayabatshe­la abaqeqeshi ukuthi izwe lami lihamba phambili. Yebo, ngiqashwe uwena kodwa ngingowase-Argentina. Ngakho kufanele uziqhenye ngezwe lakho nokuyinto engayenza. Kwesinye isikhathi kwakufanel­e ngikhethe phakathi kwezwe neqembu kodwa ngangihlal­e ngithi izwe lami lihamba phambili.”

Uthe ukufakwa kwabo ezinhlaken­i zeSafa kufanele ngabe kade kwenzeka. Uyena oqonde kwiSafa wayoziphen­dlela isikhala. “Ngakhuluma noDenis Mumble, wangibuza ukuthi yikuphi lapho engibona ukuthi ngingabamb­a khona. Wabona ukuthi uBarney ufuna usizo.”

 ?? Isithombe: INQOLOBANE YESOLEZWE ?? OWAYENGUKA­PUTENI weBafana Bafana u-Aaron Mokoena ufisa ukusiza iqembu lesizwe lixhumane kahle nabadlali abayibamba phesheya kwezilwand­le
Isithombe: INQOLOBANE YESOLEZWE OWAYENGUKA­PUTENI weBafana Bafana u-Aaron Mokoena ufisa ukusiza iqembu lesizwe lixhumane kahle nabadlali abayibamba phesheya kwezilwand­le
 ??  ?? CAVIN JOHNSON
CAVIN JOHNSON
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa