Isolezwe

UBALOYI UZOBUYELA EBHENTSHIN­I LE-CHIEFS

-

UPOTSHOZA iqhawe lakho selihabule ukuthi isithandwa sakudala sabalandel­i esinguBafa­na Brian Baloyi sizobuyela eqenjini elikhulu iKaizer Chiefs ukuyovala isikhala esivuleke kudlula emhlabeni ngokuzuma u-Alex Rovoredo waseBrazil obepheka onozinti.

UBaloyi wehliselwe eqenjini elincane leChiefs ngasekuqal­eni kuka-2016/2017. Yize ebesaqhube­ka esebenza noRovoredo kodwa konke abekwenza bekuncike kakhulu ekukhiqize­ni onozinti bakusasa beChiefs. Ngokuthola kukaPotsho­za iChiefs izokumemez­ela lokhu ngaphambi kokuthi kuqale imidlalo yeligi. Kuzobe kungokwesi­bili uBaloyi ebuya ebhentshin­i leChiefs.

“UBrian Baloyi uzobuya eqenjini elikhulu lapho ezoqeqesha khona onozinti. Uzobuyela kulo msebenzi kuze kube yisekuphel­eni kwesizini. Ngicabanga ukuthi uzobe esebhentsh­ini uma iChiefs isidlala neCape Town City kodwa iqembu lizomemeze­la lokhu kuqala emahoreni ambalwa ezayo,” kusho umngani kaPotshoza osebenza kwiChiefs.

Ukushona isigubhuka­ne kukaRovore­do kuthuse abaningi. Ufike lapha ezosebenza kwiLamontv­ille Golden Arrows wadlulela kwi-Orlando Pirates lapho efike wazwana khona kakhulu noSenzo Meyiwa (naye ongasekho) njengoba eshona esekuMakho­si nje. ufikele kwiPolokwa­ne City kodwa washiya kuyona sekumuncu. Uthe uzama umsebenzi kwiCeltic watshelwa ukuthi uphule umthetho ngakho kumele aphindele emuva. Izolo lishone sekufikile kuPotshoza ukuthi no-Edward Manqele obekukhalw­a ngokukhulu­phala kwakhe okuholele ekuthini aze axoshwe kuKaizer Chiefs naye usemsayini­sile.

“UManqele usayine iminyaka emibili nowodwa wokulula uma esafuna. Ngijabule ukuba naye futhi nendlela ajubule ngayo ukubuyela eqenjini lakhe elidala iyangithem­bisa ukuthi uzozinikel­a ngokweqile,”kusho u-Eymael.

UMkhalele, obebambele uThabo Senong (okuBafana Bafana, ebidlala neCape Verde izolo ebusuku),ukujabulel­e kakhuluuku­thi abadlali basesiwini bathole amagoli lapha ngoba noPotshoza uyazi ukuthi lo mqeqeshi akazwani nokuthi amagoli abhekwe kubagadli kuphela kepha ufuna wonke umuntu eqenjini lakhe aphonse esivivanen­i. Ujoyine iqembu laseSuadi Arabia i-Al Faisaly.

“Awusekho umbala omhlophe, awuvunyelw­e lapha,” kusho uNdoro ekhasini lakhe le-instagram.

Asethembe ukuthi uNdoro uzokwazi ukubuyela ekushayeni amagoli njengoba engeke esachitha isikhathi esiningi eshintsha imibala ekhanda.

 ??  ?? BRIAN BALOYI
BRIAN BALOYI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa