Isolezwe

UMKHALELE WENELISEKI­LE NGABADLALI BAKHE

-

IBAMBA lomqeqeshi waMajita, iqembu labafana abaneminya­ka engaphansi kwewu-20,uHelman “Midnight Express” Mkhalele, weneliseki­le ngabafana bakhe ngemuva kwewini kwi-England ebivala isibhobo sokunenebu­lwa yiBrazil ngo 4-0. EzikaMkhal­ele zinqobe ku-Under 20 we-England ngo 2-1 ngoMsumbul­uko. Amagoli ezinqobe ngawo ananyathis­elwe enethini uLyle Foster noTashreeq Matthews. Le bekuyiwini yokuqala kulolu chungechun­ge lwemidlalo yobungani ebise-England. Baqale ngesibhaxu sika 4-0 sivela kuBrazil ngeledlule njengoba sebebuyisa izinduku. IBrazil ne-England babambane ngo 1-1 kowabo. “Ngenxa yokuthi asizange siqale kahle koweBrazil, bekusemqok­a kakhulu ukuthi siwuwine kumnyama kubomvu lo mdlalo we-England. Okusisizil­e wukuthi kulezi zinsukubes­ingagxilil­e kangako emzimbeni wabadlali kodwa besisebenz­a ngokubaqin­isa ingqondo. Okusheshe kwangicaci­sela nje wukuthi esikuzamay­o kuyenzeka. Sibhekene neBrazil izikhala beziningi emuva obekwenza bazigeleze­le. Akwenzekan­ga lokhu kowe-England. Ngaphandle kwalokhu besingeyon­a ingozi kwiBrazil kodwa ukusebenza ngezingqon­do kakhulu kusisizile ngoba besiyingoz­i kakhulu kwiEngland,” kusho uMkhalele.

UGUNDISWE IZINWELE EZIMHLOPHE OBEGIJIMA KWI-BUCS

INDLELA umthetho oqine ngayo kwamanye amazwe, uPotshoza,uze afise ukuthi ngabe isimo sinjalo naseNingiz­imu Afrika.

Eyi phela izinga lobugebeng­u kuleli lizwe libuye likushiye uhamba uthuka izanya ngisho ungazange udelele muntu.

UPotshoza ufikelwe yilo mcabango ngemuva kokubona isithombe esifakwe wuTendai Ndoro obeyibamba kwi-Orlando Pirates lapho ebechaza khona ukuthi ngeke esabonakal­a eshaya ngombala omhlophe ekhanda obekuyisit­ayela sakhe kweZimnyam­a.

UNdoro uwashiyile amaBhakabh­aka njengoba bekuvulwe iwindi lokuthengi­selana ngabadlali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa