UYeye usefuna izicoco ezinkulu e-Afrika
INSIKA yeSuperSport United,uReneilwe “Yeye” Letsholonyane, isibheke ukuhlabana ngezicoco ezimqoka e-Afrika ngoba isiziwole zonke izicoco ezimqoka eNingizimu Afrika.
ULetsholonyane (34) uqale ukudlala esigabeni esiphezulu ngo-2006 ngesikhathi esayiniswa yiJomo Cosmos. KweZenkosi uhlale amasizini amabili ngemuva kwalokho wajoyina iKaizer Chiefs afike kuyona wahlabana ngenqwaba yezicoco.
KuMakhosi uhlale amasizini ayisishiyagalombili. Ufike ngo-2008 waze hamba ngo2016. Njengamanje useyibamba kuMatsatsantsa a Pitori. KwiChiefs uhlabane ngezicoco ezimbili ze-Absa Premiership, ezintathu zeTelkom Knockout, ezimbili zeMTN 8 neseNedbank Cup.
NakwiSuperSport ufikele kuzona kwazise ngesizini edlule unqobe isicoco seNedbank Cup ngesizini edlule.
Exoxa nabezindaba ngemuva komdlalo wezakhe neqembu leNedbank Ke Yona Team emdlalweni weNedbank Ke Yona Challenge akazange asifihle isifiso sakhe sokuhlabana ngezicoco ezinkulu e-Afrika.
“Kuyisifiso sami ukuhlabana ngendondo yeConfederation Cup. Uma kungenzeki kuzobe kungekubi kangako kodwa ngingathanda ukuyinqoba kwazise angikaze ngiwunqobe umqhudelwano wamaqembu e-Afrika. Omunye engiwubhekile yilo omkhulu weCAF Champions League. Ukunqoba le miqhudelwano kungangijabulisa kakhulu. Sizosebenza kanzima nozakwethuukwenza kahle kwiConfederation Cup ukuze sihambeibanga elide. Kungayinto emnandi ukubalwa nesizukulwane saseNingizimu Afrika esanqoba iConfederation Cup,”kusho uLetsholonyane.
ISuperSport inalo ithuba lokuphakamisa isicoco seConfederation Cup. Izobhekana neZesco United yaseZambia emdlalweni we-quarterfinal. KwiBafana Bafana uLetsholonyane udlale imidlalo ewu-50. Ugcine ukudlala kwelesizwe ngo-2015.
“Angikaze ngimemezele ukuthi sengiyayeka ukudlalela izwe lami. Mina ngilindele noma yini. Njengoba ngishilo ukuthi isifiso sami wukuwina izicoco ezinkulu e-Afrika nakwiBafana nginesifiso esifanayo. Uma kungathiwa ngibizelwa kwiBafana ngingajabula ngendlela eyisimanga ngobakuyiphupho labo bonke abadlali ukumela izwe labo. Uma kungenzeki impilo iyaqhubeka ngizoqhubeka nokusebenza kanzima eqenjini lami,”kusho uLetsholonyane.
Ngaphandle kokunqoba zonke izicoco ezimqoka eNingizimu Afrika,uYeye usedlale emiqhudelwaneni emikhulu emhlabeni. Ubekhona ngo-2010 iNingizimu Afrika idlala kwiNdebe yoMhlaba. Ngo-2013 nango-2015, ubekhona kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eNingizimu Afrika naseEuqatorial Guinea.
NgoMgqibelo iSuperSport United izobhekana neMaritzburg United emlenzeni wesibili womdlalo we-semi final yeMTN 8 eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu. Umlenze wokuqala uphele ngo 1-1 eLucas Moripe Stadium.
“Siyakholwa wukuthi singazijika izinto emlenzeni wesibili. Sidinga ukunqoba ngegoli elilodwa nje bese singadedeli emuva. Kumele sisebenze kanzima. Wonke umuntu eqenjini ulambele ukudlala kowamanqamu,”kusho uLetsholonyane.