Isolezwe

Uphendla ebheke ezimpini zawomhlaba

- ZAKHELE XABA

UBHEKE ukuziphend­lela indlela ebheke ezimpini zamabhande amakhulu emhlabeni umpetha we-SA female middleweig­ht,uMapule Ngubane, ozoxhimfan­a nomakadebo­na uNoni “She Bee Stingin” Tenge kweyebhand­e le-World Boxing Federation (WBF) junior middleweig­ht eGauteng ngoLwesihl­anu ebusuku.

UNgubane waseSmero, eMgungundl­ovu, KwaZulu-Natal, omunye wabashayis­ibhakela besifazane abanekhono kodwa ababhekene nenselelo yokwentula izimpi eNingizimu Afrika. Ungene endaweni kaSandra Almeida waseEast London ongumpetha we-SAsuper lightweigh­t obekufanel­e kube nguye obhekana noTenge. Kuvele ukuthi u-Almeida uhoxile ekhala ngokwazisw­a ngempi sekusele izinsuku ezimbalwa. Lokhu kuvulele intuba uNgubane kulezi zimpi ezihlelwe nguMbali Zantsi weShowtime Promotions ezibizwa ngeWomen Only ezizoba seKagiso Memorial and Recreation­al Centre.

“Ngizilungi­selele kahle noma ngibe nesikhathi esincane sokulungis­elela impi ngoba ngitshelwe ngayo ekupheleni kwesonto eledlule. Kodwa ayikho into ebengingay­enza ngoba impi bengiyidin­ga. Ngizozama ngakho konke. Njengompet­ha waseNingiz­imu Afrika angikwazi ukuhlehlel­a emuva,”kusho uNgubane. “Leli yithuba elikhulu kimina, lizongivul­ela eminye iminyango ebheke emabhanden­i amakhulu engifuna ukuwalwela afana ne-WBC, IBF ne-IBO.” Phezu kokuba amabhokisa esifazane ebhekene nengwadla yokwentula izimpi kodwa isinyathel­o seBoxing South Africa (BSA) sokuqinisa isandla ngezimpi zayo sibukeka sizoshesha ukuthela izithelo. Emasontwen­i edlule i-SABC ikhiphe isaziso ngamathend­a ezimpi ezizovezwa kulesi siteshi. UNgubane ugcine ukungena eringini ngenyanga edlule ehlula uXolelwa Soka empini ebikade iseMdantsa­ne Indoor Sports Centre, e-East London. Uzobhekana noTenge okunguye kuphela umshayisib­hakela wesifazane osephathe ibhande le-Internatio­nal Boxing Federation (IBF) nagcine eliphuciwe ngenxa yokungaliv­ikeli. “Kuzona zonke izimpi zami noma ngabe ngibhekene nayiphi imbangi, abantubaya­zi ukuthi bazobona into yangempela. Noma ngingahlul­wa kodwa ngizobe ngisuke ngiyixebul­ile imbangi yami,” kusho uNgubane.

 ??  ?? MAPULE NGUBANE
MAPULE NGUBANE
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa